Izithakazelo zakwa Phakathi

Nina bakwaMthentuhlabausamila
BakwaJuqulodlamahleza
BakwaNyoni kaMamasiyephi
Ibuye noNgce eSibgubudu

Yathi Mamase phumungicombele
ZinamanyayezakoSozayi
Zibuye nembewisaphethwe
Nina bakwaMthonguthongwana
UmuthodlamaNyanyambeya
Nina bakwaSigagu

Nina bakwaZikhethankomo
Nina bakwaMhlambushiyanukwayusa
Nina bakwaNdamase wasekuYeyeni
Nina bakwaLanga liphume ladela
Lakhumbuyamanyamayanga
Laze lakhumbula koMafuya
Nina bakwaMlotshwa
Nina bakwaSambane.