Izithakazelo zakwa-Hlophe
Samela,
Thumbeza kamyeni,
Ntombi zenda ngonyezi,
Ezabafokazana zenda ngobumnyama,
Mahlekwana,
Nina enahlek’umuntu edlula ngendlela,
Dlezi!
Samela,
Thumbeza kamyeni,
Ntombi zenda ngonyezi,
Ezabafokazana zenda ngobumnyama,
Mahlekwana,
Nina enahlek’umuntu edlula ngendlela,
Dlezi!
Madlula,
Kunene, Mphumela,
Maqeda kaNkani,kadabula iziziba,
Hangala,
Malakubuswa, Hlangakazi,
Nyongo yenyathi,
Mashiya amambi,
Nhlonhlonthi,
Ngcwingcwi Ezikhotha komude ngoba komfishane ziyagoba!
Ngwane,
Masumpa,
Masenga sileka,
Nduku Zinobulongwe,
Zikhali ezingalingani nezamaxhegwana,
Nina bakaSangweni elingawelwa abafokazana liwelwa izinkonjane zasemaNgwaneni,
Sang’elibanzi elingavulwa abantukazana ngoba livalwe ngezihlangu zamadoda,
Nina bakaMatiwane,
Abaqhobosha ithole elintanga zimashumi,
Ligwalagwala lakithi elimadolo abomvu!
Imvelaphi yesingo sakwaHlongwane
Madonsela,
Mtimande,
Lubambo lunye,
zingaba mbil’ufuz’ekhabonina,
Masango makhulu nawabantu nawezinkomo,
Nina bakwa Malambule,
Okwathi uMalambule ebanga noMswazi nathi, “Malambule phambili”!
Ndulini,
Mgabhazi,
Sicubu kasosiwa, wasosa uyosihlawula!
Izithakazelo Zakwa-Thwala
Thwala!
Msani!
Mtimande, Kunene, Majoka, Nxaba, Mbhekane, Madluvalo, Mthantathwa, Mnguni, Nonqewu,
Mgobhozi, Ntetha, Vangisa,
Mvuna, Mageza Ngobisi…
Mqadi
Mbuyisa, Hlobose, Nobela,
Sosingathi, Jakaja…
Mpofana
Ntombela, Zulu…
Mpanza
Thabekhulu, Sandanezwe, Nongalo,
Mavundla, Siwela, Dubandlela,
Soyikasi, Mzingane, Donda…
Motha
Mvulane, Nyamande, Thwala
Izithakazelo Zakwa-Tembe
Mthonga
Tembe
Mlawu, Ngolanyama
Khamangathi, Khamel’abahloti
Mlawu wantshenga
Nyomfi wandawu
Kabahlomeli
Hlomela hlomela
Adingi omnyama
Kameli bahluthi
Ngwanase
Noziyingili
Ndaba,
Gumede
Sibiya ngenkomo, abafokazana bebiya ngamahlahla,
Nina bakwankom’isengelwa emaweni,
Ingasengelw’esibayeni akuyon’eyakhona.
Gumede kaNdaba,umanyelela njengentombi iy’esokeni,
Mkhananda owafinyelela kubalondolozi,
Wemuka noGodokazi way’eMfolozi.
UHhiya kwabanani,
Okwaphwekwa esendlini,
Kwaze kwephulwa esendlini,engazange afe ukufudumala,
Mgxebe!
Khathi!
Nina bakaSotobe kaMpangalala!
Powered by WordPress & Theme by Anders Norén