clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Izithakazelo zakwa Nsimbi

Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Nsimbi Clan Praises

  • Nsimbi !
  • Mnamatha
  • Mbini
  • Mahlobo !
  • Zulu kaNtombela
  • Cubhe
  • Mpangazitha
  • Shak’alashayeki kaSenzangakhona
  • Magazi
  • Vela banyakame omagwazinja ngozipho malandela
  • Ndabezitha!

Imvelapho yabakwaNsimbi

Previous

Izithakazelo zakwa Mwandla

Next

izithakazelo zakwa Bukhosini

10 Comments

  1. Mhlonishwa kaLiki, kaNgolovane kaBhibhidla kaMqeleba kaMzimkhulu

    Bantabami UMzimkhulu, uMnamatha, uNgcwengana bazalwa uVikinduku. Bafika eMakhuzeni ngeminyaka yawo 1840 besuka KwaMphumela ngaseGreytown behamba neNkosi yaKwaDlamini , yaMakhuze. uMnamatha wazala indodana yakhe egama layo linguHlakanyana nabanye ke engingenawo umlandowabo. UHlakanyana wawela umfula UMzimkhulu . Inzalo yakhe igcwele EMmisantonga, eNtabankulu kuze kuyofika eLambasi , eLusikisiki. Uma sekuphele iCovid-19 sizoba nawo umhlangano wesibongo sakwaNsimbi Emzalwaneni eNtabankulu. Siyonazisa ukuze nifike ngobuningi benu , nizizwele ukwehlukana kwezithakazelo .

  2. Khanyi Ntombela

    Molweni ekhaya mina ngazi lezi ezithi:

    Nsimbi
    Ntombela
    Mnamatha
    Cubhe
    Magazi
    Singabanemiswane

    Were Tom, Mbini and Sonakali on the same line?

  3. Jabulane Nsimbi

    Hey guys,
    thina sithi Nsimbi, Dlokazi, Nyanda, Chachile ndol’edla makhosi,
    Usigcwele khakhulu endaweni ekuthiwa kuseMakhuzeni eBulwer enhlanoMzimkhulu koCentocow. Asibazi laba bakwaMnamatha kodwa kungabakuhle umasingahlangana nabo sibhekisise ukuthi yini isibongo sifana kodwa izithakazelo zehlukile na.

    • MaNsimbi ngicela ningene kwiQoqo elithi Nsimbi family kuFacebook ukuze sabelane kahle ngomlando..nina Bakwa Mzimkhimkhu ..
      Mina ngoka Nonkenyana kaThekwane kaHlakanyane kaMnamatha..

  4. Sthembiso

    Ndabezitha..ngokwazi kwami ngezwa onkhuom bethi uNsimbi lo wayengowakwa ntombela kwathi ngesikhathi kubusa inkosi uShaka uNsimbi ubebaza imikhonto ngeNsimbi ngesikhathi abanye beye empini..wase ethi uShaka unguNsimbi emuva kwalokho kwase kubakhona isibongo sakwa nsimbi.. base behla lapho nendodana yakhe ogama layo lingu mnamatha..bafika eMzimkhulu bazakhela obabo ubukhosi kwindawo yase Mmisa … Kodwa ke ngenxa yezimpi ezazikhona eMzimkhulu base buphela ubukhosi bakwa ntombela obabubuswa uMnamatha kaNsimbi kaMahlobo kaNtombela ..

    • Senzi

      sthembiso , ungowakwabani isibongo? mina ngingowakwaNsimbi and njalo ngonyaka siba nemihlangano wesibongo sakwaNsimbi ukuthola ivelaphi yethu.

  5. Sthembiso

    Ngowase mzimkhulu ngokuzalwa..

  6. Sthembiso

    Ngiyabonga kakhulu ngokungifakela lezi Zithakazelo zakwa Mnamatha.. kodwa bengicela ukuthi ningicubungulele ngomlando walesi sibongo..nanokuthi uMnamatha lo uzalwa ubani kwaNtombela..

    • Zimasa

      Ngiyabonga nami bengingazi lutho ngo mnamathi futhi angazi ukuthi ithini imvelaphi yam… Ngizwa bethi sisuka eMzimkhulu e Mmisa…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: