clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Day: 16 April 2019 Page 1 of 14

Chewa People 😍 Chewa tribe

The Chewa are a Bantu people of central and southern Africa and the largest ethnic group in Malawi.

The Chewa are closely related to people in surrounding regions such as the Tumbuka and Nsenga. They are historically also related to the Bemba, with whom they share a similar origin in the Democratic Republic of the Congo.

As with the Nsenga and Tumbuka, a small part of Chewa territory came under the influence of the Ngoni, who were of Zulu or Natal/Transvaal origin. An alternative name, often used interchangeably with Chewa, is Nyanja.

Their language is called Chichewa. Internationally, the Chewa are mainly known for their masks and their secret societies, called Nyau, as well as their agricultural techniques.

Chewa

Oral records of the Chewa may be interpreted to refer to origins in Malambo, a region in the Luba area of the Democratic Republic of the Congo, from where they emigrated into northern Zambia, and then south and east into the highlands of Malawi. This settlement occurred sometime before the end of the first millennium. After conquering land from other Bantu peoples, they regrouped at Choma, a place associated with a mountain in northern Malawi, and the plateau of northeastern Zambia.

This is one of a number of different interpretations of the early oral records of the Chewa. The first Chewa kingdom was established some time before or after 1480, and by the 16th century there were two systems of government, one maintained by the Banda clan at Mankhamba (near Nthakataka), and the other by the Phiri clan at Manthimba. The Phiri are associated with the Malawian mountain Kaphirintiwa.

By the 17th century, when the ‘Malawi’ state had been unified, the Portuguese had made some contact with the Chewa. Although the Portuguese did not reach the heartland of the chiefdom, there are well documented records of contacts between 1608 and 1667. By 1750, several ‘Malawi’ dynasties had consolidated their positions in different parts of central Malawi, however the Chewa had managed to distinguish themselves from their neighbours through language, by having special tattoo marks (mphini), and by the possession of a religious system based on the nyau secret societies.

The Phiri aristocrats later owned most of Malawi’s tea estates which was repossessed by the Malawian government in the early 1980s. This is a fable made up by people wanting to ingratiate themselves politically with Dr Bakili Muluzi, the truth is that Tea was brought to Malawi by an English family who planted it at the foot of Mulanje Mountain, and still to date own the same Tea Estate, The Dorington Family. Then came other European families, namely the Conforzi’s (Italian), Cathcart-Kays (English), Barrows (English).

The first Malawian owned Tea Estate was a Government Estate, Established by Dr Hastings Kamuzu Banda, under the Tea Growers Association in the early 1970s.[citation needed]

Chichewa can also be classed as a Shona dialect as some scholars in the region point out. This forms a strong historic link of the Nyanja, Bemba and Yao people, to the ancient Shona empire, who can point their earlier origins to Mashonaland. The ancient Shonas who temporarily dwelt in Malambo, now in the DRC, eventually shifted into northern Zambia, and then into Malawi.

The Chinyanja language, ChiChewa or Chewa, emerged as a distinct tongue in the 16th century, according to scholars. In the 21st century, Chewa vocabulary and grammar is similar to Shona dialects spoken in Zimbabwe, especially ChiZezuru and ChiManyika.

Ukhamba lufuze imbiza

Ukhamba lufuze imbiza:

Ukhamba lufuze imbiza∼Ingane ifuze umzali wayo.

Ingwe idla ngamabala

Incazelo: Umuntu uzenza yena ukuthi athandeke ngezenzo nangemisebenzi yakhe.

Izinhlobo zamabizo

Izinhlobo zamabizo:

Amabizo-mvama

Amabizo-ngxube

Amabizo-qoqa

Amabizo-muntu

Amabizonto

Amabizo-qho

uMlando wakwaMbambo 😍 Imvelaphi yabakwaMbambo

uMlando wakwaMbambo:

ABANTU bakwaMbambo ba-phuma kwabakwaMthethwa, okusho ukuthi bangama-

Lala-Nguni ngokwesigaba sabeNguni. Baziwa

ngoMbambo owabe eyindodana kaJangaza

kaJobe kaKhayi wakwaMthethwa. Le ndodana

kaJangaza yayizacile, inezimbambo ezihleli

obala, yingakho yagcina isibizwa ngoMbambo.

Kuthiwa uMbambo lona wayengaganiwe futhi

engakufuni sidalo. Wayezikholisa ngabafazi

babafowabo ngesikhathi besempini. Kwathi

angabanjwa ukuthi ugila lo mkhuba, wabizelwa ecaleni kodwa akayanga lapho.

Wavele wazigibelela injomane yakhe. Ngaleso senzosakhe wabe esebizwa ngokuthi nguNjomia okwagcina sekungesinye sezithakazelo zakwaMbambo.

AbakwaMthethwa banquma ukuba bamhlasele

ebusuku engazelele. Sebemkakile, wavele

waphuma nezinkomo zakhe wagoba walingana

nazo futhi wagobisa izandla njenge-zimpondo.

Wahambake nemfuyo yakhe wayozinza

ngaseMvoti. Lapho ke wafika wakha umuzi

wathi kukwaMbambo. Ngenkathi elapho

uMbambo, waqala wakhumbula ukuthi

kufanele aganwe ma-nje ngoba babengasekho

abafazi babafowabo njengenkathi

esekwaMthethwa. Waganwa ngamakhosikazi

amane.

Wazala kakhulu, uzalo lwakhe kwaze kwathiwa

ngolwakwaMbambo. Inkosana yakhe kwaba

nguZikhohlwana. Nayeke uZikhohlwana

waganwa. Inkosikazi yakhe yayengelwa iNdiya

elabe lakhe eduzane kwabo, wagcina ezale

ingane yomfana igama layo okwabe

kunguNkobezemfe. Naye uNkobezemfe wazala

inkosana yakhe uLusongo okwagcina exabana

nomndeni ngoba umsola ngokuthakatha.

Wabaleka wayokwakha eThekwini. Nethuna

lakhe lilaphaya eZimbuzini, ngaKwaMashu.

Kunabanye abakwaMbambo abalaphaya

eNdwedwe, bonake abazibiza ngoGoba.

Bakanye nabo laba abaphuma kwaMbambo

ngoba kuthe sebehambe kakhulu, base begoba

amadolo.

Bakhona abanye abahamba bayokwakha

eMthwalume naseBulwer. Kuthe uma abelungu

sebenikeza uMqundane kaMaboyi wakwaMlaba

eMahlabathini indawo, abakwaMbambo

nabakwaVilakazi bahamba nabo okwagcina

abakwaMbambo beba ngondunankulu

bakwaMlaba. KunabakwaMbambo

abaseDundee bona abazibiza ngoChiliza kanti

uma uya eMkhambathini, kunabakwaMbambo

abazibiza ngoMdunge. Kuyavela futhi

emlandweni ukuthi endlini encane yakhona

eMaDungeni amaDunge abuye athakazelwe

ngoMageza ngobisi lwenqu….. yabafazi ba-

manye amadoda.

OMbambo baseMvoti belamana kanje: UKhayi

wazala uJangaza, uJangaza wazala uMbambo,

uMbambo wazala uZikhohlwa-na, yena wazala

uNkobezemfe yena owazala uLusongo, uLu-

songo wazala u-Isaac ozala uJotham.

OMbambo abaKwaMaphu-mulo bazalana

kanje: USikana (uNjongolozemikhonto) waza-

la uSambane (onguMavalane ibutho lakhe)

yena wazala uNtinti.

OMbambo baseNhlungwane eMahlabathini

bazalana kanje: UNdaba uzala uBhubhu

(owakha umuzi wasoDondolo) wazala

uMahawule, uSikhulumi noNomalenje.

UMahawule wakha umuzi waseNkalangiphethe

nethuna lakhe likhona lapho.

USikhulumi wakhe umuzi wakwaDingumphathi.

UNomalenje uzalo lwakhe luseNjampela

KwaNongoma. UNomalenje uzale uNdindindi

noMbhali owaphuma nomuzi wasoDondolo.

USikhulumi wazala uChwasha (uShayitshe) no

Madolo.

IZITHAKAZELO ZOMBAMBO

Mageza ngobisi lwenqu… yabafazi bamanye

amadoda, abafakozana begeza ngamanzi,

Ubambo kaludliwa ngabafokazana, ludliwa

umlandokazi, Mbiko, Mkhemezela, khethwayo,

Jangaza, Bhubhu kaNdaba, Goba ngokugoba

amadolo, Mbambo kaLushozi kaMomoyi ka

Mandlovu.

Izibongo zakwaMbonambi

Mbonambi Clan Names – Izibongo zakwa Mbonambi

Mabhodla,

Mbuyazi,

Ngiba kaMananga,

Wena owaya ngaphesheya kwezilwandle wabona abantu abazindlebe zikhany’ilanga,

Mabuya nomuntu abuye nenkunzi,

Ndunakazi!

Izithakazelo zakwa Nhlenyama

Nhlenyama Clan Names :

Bhodoza!

Mageza ngobisi abafokazane begeza ngamanzi,

Bolile njengethanga!

Izithakazelo zakwa Ntshangase

Izithakazelo zakwaNtshangase:

Ntshangase,

Mgazi, Menziwa,

Njezi ka Xhoko!

Ndabezitha!

Mvundlane wasoKhabeni,

Mbeng’osinda abosi.

Abanye bazihaya kanje:

Ntshangase – Biyela, Menziwa, Mgazi, Ndaba, Sobethu, Dinane wena owadina amakhosi akwaZulu, nyengelezi yamanzi, hlangabeza ophosayi usgcawu sgidabelungu, umagwazabuye nes*nde!

Imvelaphi yabakwa Ntshangase😍 Ntshangase History

Ntshangase History & origin:

Abantu bakwaNtshangase kanye nabakwaBiyela bavela emzini wenkosi uNdaba indodana kaMageba kaZulu kaMalandela kaLuzumane kaMnguni kaGumede. BangaMantungwa Nguni, njengabo abantu bakwaZulu(isibongo).

UNdaba wayenemizi yakhe eminingi, kodwa ngemibili eyagqama kakhulu. Owokuqala kuseMqekwini. Lona kwakuyiwona muzi omkhulu. Yilapho kwavela khona inkosi uJama(uyise kaSenzangakhona owazala iLembe) nabafowabo oNkwelo noMhana ababebalulekile embusweni wakhe uJama kaNdaba.

Umuzi wesibili kwakuseGazini. Ukuze kuthiwe kuseGazini kulo muzi yingoba yiwona okwakuthi uma kunemincimbi yakomkhulu kuhlatshwe khona.

Ngakho kwakungumuzi obaluleke kakhulu esizweni sonke senkosi uNdaba. Lapha eMqekwini kwakukhona uShankweni umfowabo kaXhoko kanye noMgutshwa nabanye.

Kwavela esikhulu isigemegeme ngesikhathi abantwana baseMqekweni sebefuna ukuganwa ngabantwana baseGazini. Abakuthandanga abaseGazini lokhu ngoba bethi laba ngabafowabo.

Ngenxa yokuphikelela kwalaba baseMqekwini laba abaseGazini baze bashintsha kungentando yabo kwase kuthiwa bangabaseMgazini. Kwaqhutshekwa nokuganana kwezingane, kodwa abaseMgazini noma sebebizwa kanjalo abakubusisanga lokhu kuganana.

AbaseMgazini babiyela umuzi wakubo ngesinqalanqala sothango ukuze kungenzeki lokhu abangakufuni. Base bebhinqwa kuthiwa babiyela umuzi, base bethola isibongo sakwaBiyela.

Kwathi uShwankeni yena wathola esakwaNtshangase, ngoba kuthiwa bantshingiwe. Kunamaqhawe abalulekile kwaNtshangase afana noMdlaka owayeyinduna yenkosi uShaka kanye noMasiphula owayeyinduna yenkosi uMpande kaSenzangakhona. UMdlaka wabulawa nguDingane ngoba wayeyisihlobo saikaShaka. UMasiphula yena wazala uSithambe owazala uMqumusheli. Indlu kaMqumusheli kaSithambe kaMasiphula ingaphesheya koPhongolo endaweni yaseSimdlangentsha. Kanti ekaMdlaka yona iseMagudu..

………………………………….

Ukwelamana kwabantu baseMgazini(abakwaNtshanase)

UNdaba kaMageba kaZulu kaMalandela wazala uNtopho

UNtopho wazala uMamba noNcidi

UMamba wazala uMasiphula

UMasiphula wazala uSithambe

USithambe wazala uMqumusheli

UMqumusheli wazala uMlomokazulu owazala uLandokwakhe.

Kanti uNcidi yena wazala uMdlaka

………………………………

Izithakazelo zakwaNtshangase !

Ntshangase,

Mgazi, Menziwa,

Njezi ka Xhoko!

Ndabezitha!

Mvundlane wasoKhabeni,

Mbeng’osinda abosi.

Abakwa Ntshangase 😍 Ntshangase Clan Names

Ntshangase Clan Names 😍 Ntshangase History

Page 1 of 14

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: