Izithakazelo Zakwa Vilakazi

Binda!

Mphephethwa!

Mphephethe wena

Wena wakoGama

UGamuyedwa lubaphephethwa

Matshinga waseMaphephetheni

Ogwazaze ame ngeklwa

UNgwevu noNgiwavuma

Nina baseNgwede naseNgwavuma

Nina baseNdondina ngovuma

Sihlase!

Owadlumkadadewabo

Wathakananyongo

Wathakanamhlehlo

Umhlelhlo sibhbhakazane

Malinga khulu hohlo

Bamchatha ngohlanga

Bethi akafe angafi

Baze banqoba.