- Isibongo sakwakhomo sidabuka kwasbiya
- Sehlukene izigatshana naso ngokwaso, ngizothatha ukhomo zamisa, ngimshiye uphambuka nezinye.
- Loluhlangothi lukakhomo lwabaleka ngesikhathi sezimpi zemfecane bayokhosela kwaxhosa bafika baphenduka amampondo, kodwa nakhona babuya bazinze empumalanga duze nenkosi umakhanya lapho namanje babizwa ngamampondo.
- Khomo,
- zamisa,
- mbundu,
- yiga,
- nomenco,
- ncamuza kancane abanye bencamuza kakhulu,
- mnyaphane,
- khomo ongathethi othetha ngoba konakele,
- sbiya ngezinkomo abafokazana bebiya ngamahlahla.
- kukhona nokhomo phambuka yena ngingene manje kuye…
Day: 9 May 2019 Page 1 of 4
Mkhize Clan Praises 😍 Izithakazelo zakwa-Mkhize
- Gcwabe,
- Khabazela,kaMavovo kaZihlandla,
- Gubhela,
- Mumbo omhlophe,
- Wena waseMbo,
- Wena okhanya amasi esiswini,
- singela,
- Nhlama eyaphelel’ etsheni,
- Ngunezi,
- Mumbo ombulazi,
- Nina enadla umuntu nimyenga ngendaba,
- Sibi side esimajembelezana,
- Sibi side esimaphandla esaphandl’abeNguni bavungama,
- Nina bengwaz’ emabhudle,
- Eth’ isabhudla yabuye yaphinda yabhudla
- Malala amahle,
- Nin’ enalala nomunwe,
- Navuka nakhwif’ilanga.
- Nzalo kaSambela,
- Nina bakaSidaphudaphu ngokubadaphunela,
- Nzalo kaLuzalo!
Zikhona izikibha nama-hoodie: Click here to open Whatsapp
Majola Clan Praises 😍 Izithakazelo zakwa Majola
- Mchunu,
- Macingwane,
- Ngqulunga,
- Nyanda yemkhonto,
- Ndabezitha,
- Phakade,
- Yeyesa,
- Ndlela zabedluli nabaGodusi,
- Sobiya ngomthongwana abafokazana bebiya ngamahlahla,
- Mabonw’abulawe!
Ngabe abakwaMyeni bazihlobo yini nabakwaQwabe
Izithakazelo zakwa Ngcobo
- Mapholoba,
- Nyuswa,
- Fuze, Mavela,
- Mafuz’afulele njengefu lemvula,
- Mashiya amahle ngath azoshumayela,
- Dambuza, Mthabathe,
- Mabhala ngozipho abanye bebhala ngepensela,
- Malal’efake umunwe endunu,
- Avuke ekuseni awuncinde akhombe ilanga,
- Mavulankungu kuvel’ilanga,
- Sididane,
- Ngongoma,
- Maqadi amakhulu,
- Mbili!
Izithakazelo Zakwa-Sithole
- Jobe !
- Mondisa!
- Phumela phandle ngoba kufudumele
- Matshana!
- Mhlakaza nhlansi zingamshisi
- Ziyoshis’ abalondolozi
- Maphitha!
- Mthembu waseGubazi
- AbaThembu bengabakwaMvelase
- Ngqikazi zimnyama zingamankankazana
- Nyama kaMaqoqo
- Abayidla beyidonsisana
- Nina bakaMgidi wekhohlwa
- Nina bakaThakazelwayo
- Nina bakaMqolo
- Owadl’ omuny’ umqolo
- Nina bakaDidiz’ umkhaba
- Mkhomb’ olwadl’ eminy’ imikhombe
- Lwandl’ oluhambezintabeni
- Nina baseQhudeni
- Jozana olubomvan’ olundakandakana
- Qomond’ olumantinyane
- Olubuk’ umuntu lumethembise
- Sengathi luzomakkhel’ umuzi, kanti phinde!
- Nina bethole intshwabadeyane
- Mthiyane Sonomo
- Nina bakaMkhwawozi
- Owakhawuz’ Mdod’ akhawuleka
- Nkomankoman’ ekhawuz’ abalondolozi
- Nina bakaNyawo zimthende, zimthendelezi.
- Ngweny’ edlel’ ohawini
- Nina baseNyongweni
- Chakijana kaGezindaka
- Suka bekhuluma!
- Bhande kaMtshiba
- Mahamba!
- Ngokuhamb’uyeSwazini!
- Luhuluhulu!
- Nyokeni!
- Nina baseLangeni!
- Nin’ enabulal’ abathakathi njengoShaka
- Nadlula nawel’ uThukela
- Nina bakwaMgwayiza oyinsimbi engagobi!
Izithakazelo Zakwa Mbatha
- Mbatha, Shandu ka Ndaba
- Gumbi Lama Gwala
- Sontshikazi, Mthiya othiya ngenkomo abafokazana bethiya ngamahlahla
- NDABEZITHA!
- UShandu ubengengakanani,
- ngoba entendeni yesandl uyenela
- Nasothini lomkhonto uyahlala athi cababa,
- Mazalankosi!
- Mavungama!
- Mathabathanyawo!
- Makhabaluthuli!
- Makhub’anothuli!
- Nina benyathi emnyama kansele
- uShandu owalima insimu eyilimela izinyoni
- Zase zimbonga zathi tjiyo…tjiyo…tjiyo!
- uBhabha ku Gwaza
- uNkentenkente olwakhela izintaba zeNhlazatshe
- Kwaze kwaphuma abafazi bengabhincile
- bathi, ingabe lolunkentenkente lunkenteza lwenzani,
- uShandu ongayimbathi ingubo
- oyimbatha ngokusibekela kwelanga,
- Wavala ngehhemu emizini yamadoda
- uShandu omuhle ngamazinyo akhe;
- uZihlabathi zoLwandle;
- Ebe emkhulu engangezulu
- wena ka Magizagiza;
- Mulamlankunzi zidedele zibulalane;
- Shandu uyiNkosi eyabonwa nawu Shaka ka Senzangakhona;
- Yena abathi usi Shaka ka shayeki,
- Wathi Shandu ka Ndaba uyiNkosi,
- Futhi uyohlala uyiNkosi;
Mbeje, Mndaba, Mlotsha,
Magwaz’aphindelele njengezulu,
Mavungama!
Wena owavungamela uMvelase evela eNyandeni;
Dladla, Mpembe, Mhlophe, Gadlela, Dwala…
Mgabadeli gokugabadela inkundla kwa Bulawayo; Mgabadeli ngokugabadela izinkomo zamadoda;
Wena owaMbatha isikhumba seNyathi uZulu esahambaze!
Wena owaba ngu Ndabezitha! kuqala!
Baze bazama ukuthatha iziBongo zakho ngamaqhinga;
Wasala uzisebenzisa njengoba usazisebenzisa namanje;
Manyosi wena owadla intondolo yembuzi yonke wayiqeda ilanga liphuma waze wehlisa ngomhluzi wayo;
NDABEZITHA!!
NDABA KOMKHULU!!
source: thanks to admin of amambatha.wordpress.com – please visit his website for more information