clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Day: 9 May 2019 Page 1 of 4

Izithakazelo zakwa Khomo 😍 Khomo Origin

  • Isibongo sakwakhomo sidabuka kwasbiya
  • Sehlukene izigatshana naso ngokwaso, ngizothatha ukhomo zamisa, ngimshiye uphambuka nezinye.
  • Loluhlangothi lukakhomo lwabaleka ngesikhathi sezimpi zemfecane bayokhosela kwaxhosa bafika baphenduka amampondo, kodwa nakhona babuya bazinze empumalanga duze nenkosi umakhanya lapho namanje babizwa ngamampondo.
  • Khomo,
  • zamisa,
  • mbundu,
  • yiga,
  • nomenco,
  • ncamuza kancane abanye bencamuza kakhulu,
  • mnyaphane,
  • khomo ongathethi othetha ngoba konakele,
  • sbiya ngezinkomo abafokazana bebiya ngamahlahla.
  • kukhona nokhomo phambuka yena ngingene manje kuye…

Mkhize Clan Names

Mkhize Clan Praises 😍 Izithakazelo zakwa-Mkhize

  • Gcwabe,
  • Khabazela,kaMavovo kaZihlandla,
  • Gubhela,
  • Mumbo omhlophe,
  • Wena waseMbo,
  • Wena okhanya amasi esiswini,
  • singela,
  • Nhlama eyaphelel’ etsheni,
  • Ngunezi,
  • Mumbo ombulazi,
  • Nina enadla umuntu nimyenga ngendaba,
  • Sibi side esimajembelezana,
  • Sibi side esimaphandla esaphandl’abeNguni bavungama,
  • Nina bengwaz’ emabhudle,
  • Eth’ isabhudla yabuye yaphinda yabhudla
  • Malala amahle,
  • Nin’ enalala nomunwe,
  • Navuka nakhwif’ilanga.
  • Nzalo kaSambela,
  • Nina bakaSidaphudaphu ngokubadaphunela,
  • Nzalo kaLuzalo!

Zikhona izikibha nama-hoodie: Click here to open Whatsapp

 

Mkhize

Majola Clan Names 😍 Izithakazelo zakwa Majola

Majola Clan Praises 😍 Izithakazelo zakwa Majola

  • Mchunu,
  • Macingwane,
  • Ngqulunga,
  • Nyanda yemkhonto,
  • Ndabezitha,
  • Phakade,
  • Yeyesa,
  • Ndlela zabedluli nabaGodusi,
  • Sobiya ngomthongwana abafokazana bebiya ngamahlahla,
  • Mabonw’abulawe!

Izithakazelo zakwa Mchunu

  • Mchunu
  • Macingwane,
  • Yeyesa,
  • Phakade,
  • Mnguni,
  • Ngonyama,
  • Jama ka Silwane,
  • Nogida ngo Bambo ezinye izintombi zigida ngo mshanyelo!

Izithakazelo zakwa Mthiyane

Mthiyane Clan Praises

  • Mthiyane,
  • Zondo,
  • Nqoboka,
    • Skhangane,
    • Sokotshane,
    • Mzwili,
    • Sokhulu!
  • Myeni

    Ngabe abakwaMyeni bazihlobo yini nabakwaQwabe

    Gwamanda Clan Praises

    Izithakazelo zakwa Gwamanda

    • Muthwa,
    • manzini,
    • slima,
    • slumbo owalumba amanzi wawenza ancwane kwaphuza abafokazana,
    • mjula,
    • ncwane,
    • sondini,
    • yengwa,
    • wena ophatha ngesokhohlo abanye bephatha ngesokudla!

    Izithakazelo zakwa Ngcobo 

    Izithakazelo zakwa Ngcobo 

    • Mapholoba,
    • Nyuswa,
    • Fuze, Mavela,
    • Mafuz’afulele njengefu lemvula, 
    • Mashiya amahle ngath azoshumayela,
    • Dambuza, Mthabathe,
    • Mabhala ngozipho abanye bebhala ngepensela,
    • Malal’efake umunwe endunu,
    • Avuke ekuseni awuncinde akhombe ilanga,
    • Mavulankungu kuvel’ilanga,
    • Sididane,
    • Ngongoma,
    • Maqadi amakhulu,
    • Mbili!

    Izithakazelo Zakwa Sithole

    Izithakazelo Zakwa-Sithole

    • Jobe !
    • Mondisa!
    • Phumela phandle ngoba kufudumele
    • Matshana!
    • Mhlakaza nhlansi zingamshisi
    • Ziyoshis’ abalondolozi
    • Maphitha!
    • Mthembu waseGubazi
    • AbaThembu bengabakwaMvelase
    • Ngqikazi zimnyama zingamankankazana
    • Nyama kaMaqoqo
    • Abayidla beyidonsisana
    • Nina bakaMgidi wekhohlwa
    • Nina bakaThakazelwayo
    • Nina bakaMqolo
    • Owadl’ omuny’ umqolo
    • Nina bakaDidiz’ umkhaba
    • Mkhomb’ olwadl’ eminy’ imikhombe
    • Lwandl’ oluhambezintabeni
    • Nina baseQhudeni
    • Jozana olubomvan’ olundakandakana
    • Qomond’ olumantinyane
    • Olubuk’ umuntu lumethembise
    • Sengathi luzomakkhel’ umuzi, kanti phinde!
    • Nina bethole intshwabadeyane
    • Mthiyane Sonomo
    • Nina bakaMkhwawozi
    • Owakhawuz’ Mdod’ akhawuleka
    • Nkomankoman’ ekhawuz’ abalondolozi
    • Nina bakaNyawo zimthende, zimthendelezi.
    • Ngweny’ edlel’ ohawini
    • Nina baseNyongweni
    • Chakijana kaGezindaka
    • Suka bekhuluma!
    • Bhande kaMtshiba
    • Mahamba!
    • Ngokuhamb’uyeSwazini!
    • Luhuluhulu!
    • Nyokeni!
    • Nina baseLangeni!
    • Nin’ enabulal’ abathakathi njengoShaka
    • Nadlula nawel’ uThukela
    • Nina bakwaMgwayiza oyinsimbi engagobi!

    Izithakazelo Zakwa Mbatha

    Izithakazelo Zakwa Mbatha

    • Mbatha, Shandu ka Ndaba
    • Gumbi Lama Gwala
    • Sontshikazi, Mthiya othiya ngenkomo abafokazana bethiya ngamahlahla
    • NDABEZITHA!
    • UShandu ubengengakanani,
    • ngoba entendeni yesandl uyenela
    • Nasothini lomkhonto uyahlala athi cababa,
    • Mazalankosi!
    • Mavungama!
    • Mathabathanyawo!
    • Makhabaluthuli!
    • Makhub’anothuli!
    • Nina benyathi emnyama kansele
    • uShandu owalima insimu eyilimela izinyoni
    • Zase zimbonga zathi tjiyo…tjiyo…tjiyo!
    • uBhabha ku Gwaza
    • uNkentenkente olwakhela izintaba zeNhlazatshe
    • Kwaze kwaphuma abafazi bengabhincile
    • bathi, ingabe lolunkentenkente lunkenteza lwenzani,
    • uShandu ongayimbathi ingubo
    • oyimbatha ngokusibekela kwelanga,
    • Wavala ngehhemu emizini yamadoda
    • uShandu omuhle ngamazinyo akhe;
    • uZihlabathi zoLwandle;
    • Ebe emkhulu engangezulu
    • wena ka Magizagiza;
    • Mulamlankunzi zidedele zibulalane;
    • Shandu uyiNkosi eyabonwa nawu Shaka ka Senzangakhona;
    • Yena abathi usi Shaka ka shayeki,
    • Wathi Shandu ka Ndaba uyiNkosi,
    • Futhi uyohlala uyiNkosi;

    Mbeje, Mndaba, Mlotsha,

    Magwaz’aphindelele njengezulu,

    Mavungama!

    Wena owavungamela uMvelase evela eNyandeni;

    Dladla, Mpembe, Mhlophe, Gadlela, Dwala…

    Mgabadeli gokugabadela inkundla kwa Bulawayo; Mgabadeli ngokugabadela izinkomo zamadoda;

    Wena owaMbatha isikhumba seNyathi uZulu esahambaze!

    Wena owaba ngu Ndabezitha! kuqala!

    Baze bazama ukuthatha iziBongo zakho ngamaqhinga;

    Wasala uzisebenzisa njengoba usazisebenzisa namanje;

    Manyosi wena owadla intondolo yembuzi yonke wayiqeda ilanga liphuma waze wehlisa ngomhluzi wayo;

    NDABEZITHA!!

    NDABA KOMKHULU!!

    source: thanks to admin of amambatha.wordpress.com – please visit his website for more information

    Page 1 of 4

    Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

    error: