Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Thoweni uvela eBhekabantu lapho abagcwele khona. Thoweni uzalwa uLubhunga, owayebalekele kwelase Mozambique enguThobela odabuka eSwatini. Lensizwa yasibuya kweleli yazibiza uThoweni ngoba inqena ukubonakala ukth beyibalekela impi yakwaZulu. Kuthiwa Lubhunga ngoba kwaziwa ukth ibhungukile emaThobeleni abathakazela ngoMjadu. Lensizwa kuthiwa yayilokhu ihamba iphuza amanzi endleleni lapho ayayithi maseyikhathele igobe amadlangala khona.