clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Izithakazelo zakwa Makhunga

MAKHUNGA,
Khathide,
Sobahle,
Lugodo alushi lusha ngoba selubaselwe,
Makhunga owakhunga izimbila emgedeni zaphuma zingenamsila
Nana muhla azinamsila,
Nina enaphuthwa ubukhosi ngenhla yobunono,
Lindisa,
Phethela !

others know these:
Makhunga
Nzomane
Mbhuqu
Njenje wamafu
Godo alushi lusha ngokubaselwa !

Previous

Izithakazelo zakwa Mhlaba

Next

Umlando wakwa Makhunga

8 Comments

  1. Thanda

    Mina ngifuna ukwazi ukuthi sivelaphi thina ngempela

  2. Nellie Nkosi (KaMakhunga)

    thina sithi Makhunga Nzomane Mbhuqu Njenje wamafu Godo alushi lusho ngokubaselwa

  3. I also need more clan names for ooMakhunga, ooMdluli .
    Khaninabe

  4. OoMakhunga ngoMdluli ongadlulwa, ooSkwatsha, oNgwekazi, oSgoloza.

  5. Ntombi

    If anyone can help ngazo izithakazelo zakwa Makhunga ngingabonga

    • Aphelele

      Nzomane njenje makhunga khathide wena owamafu owawela emazibukweni mbucu scabha esihle esakhithwa izinyoni zako khathide kubheka

  6. WS MAKHUNGA

    Thina sithakazela sithi futhi Mncadi, ekhaya eMsinga, kuthiwa yise MaNcadini. Mncadi, Mondi kaMndaba, Sobahle

    • Mahlase Sando

      Ngiyakufakazela WS. Thina esakhe nani sinazi kanjalo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: