clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Month: July 2019 Page 2 of 10

Izibongo Zakwa Sigubudu

Sigubudu Nxama Sakazi
Isgubudu esingafakwa mkhala, singawufaka siyawudabula. UNosikisiki inyoni esindwa sisila
Sayo,Bhoqomayika nina bakwa Vumisa kaNyathikazi kantombi MaMpembe nina bakwaNaMdakane.

Umlando wakwa Makhunga

Umlando wakwaMakhunga,uMakhunga noKhathide ngamadodana kaKubheka okwathi ngokuvela kwehlazo elavela emndenini kaKubheka lenziwe yindodana endala uMakhunga, yaxoshwa ekhaya yahlala emgedeni iphila ibamba izimbila,you lendodana okwamele ithathe ubukhosi bakubo kwaKubheka Kodwa akwenzekanga ngenxa yehlazo elavelayo kwase, kuhlonishiswa kuthiwa abakwaMakhunga baphuthwa ubukhosi ngenxa yobunono, ubukhosi bakhona bulapha Yana KwaKubheka eNyukhasela Enhla nesifundazwe eKZN

Izithakazelo zakwa Makhunga

MAKHUNGA,
Khathide,
Sobahle,
Lugodo alushi lusha ngoba selubaselwe,
Makhunga owakhunga izimbila emgedeni zaphuma zingenamsila
Nana muhla azinamsila,
Nina enaphuthwa ubukhosi ngenhla yobunono,
Lindisa,
Phethela !

others know these:
Makhunga
Nzomane
Mbhuqu
Njenje wamafu
Godo alushi lusha ngokubaselwa !

Izithakazelo zakwa Mhlaba

MHLABA

NDOSI

KHISI

MAKAMA

SITHO SIYABHIBHA SIKANOMADAFU

MABHI

MTHETHWA WASENCENI

MASENGA INKOMO ILELE NGOBA UMA IMILE IYAKHAHLELA.

Izithakazelo zakwa Vilakazi

Izithakazelo:

Vilakazi,

Nzimande,

Mdluli,

Gwala,

Mphephethe,

Nyawozimhlophe ngokunyathela izihlabathi zolwandle

Myeka khamangwa

Majiya Ngwekazi Nkondlwana

Mdlovu omatubutubu

Umhlwehlwe odume njengoZulu

Mancama ngenhlunu

Lugwashu

Matshinga waseMaphephetheni

Sihlase Binda

Abanye bathakazela kanjena:

Binda!

Mphephethwa

Wena kaGama

Mantshinga waseMaphephetheni

Owagwaz’ aze ame ngeklwa

UNgwevu noNgwavuma

Nina baseNgwede neNgwavuma

Sihlase!

Owadl’ umkadadewabo

Wathi akananyongo

Wathi akanamehlo

Umhlehlo sibhanhakazane

Malinga khilu hohlo

Bamchatha ngohlanga bethi akafe

Kanti lapho engasayukufa impela baze banqoba!

Gumbi clan names

Ngicela izithakazelo zakwaGumbi nemvelaphi yabo

siboza clan

ngcela ukwaz isithakazelo sakwa Siboza

Nondungu Clan Praises

Hlangu, Dunga, Mkawu, Mabumba-Ntaba, Magatshana aseLondobezi, Mzize, Wena owathenga umhlaba abanye bethenga izinkomo, Nomaqhiza, Myama, Sothikithi, Nopiyo, Nqishela.

Thole Clan Names 😍 Iziduko Thole

Thole

Mcaca

Gqagqane

Buzini,

Welane               

Ndlangisa,

Nkonjane

Mfingo

Thombeni

Mzimshe,

Lwandl aluwelwa, luwelwa ziNkonjane zona ma phiko made,

uMpundeshe,

uKhweleta,

uDuma !

Izithakazelo zakwa Kholosani

kholosani u cody into ekhotha ey khothayo engaykhothi iyaykhahlela into eyatya i plate eziyi 7emngcwabeni yacela isamo yaku gragramla ukutya okwe rhamba li gragramela inyoka

Page 2 of 10

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: