Abantu bakwa Mendlula bangabokudabuka eSwazini ka Ngwane. e Swazini lesizwe sasiholwa u Dumisa ka Mendlula ka Ntimeni endaweni yaku Maphungwane eduze kwemingcele ye Swaziland, Mozambique ne KwaZulu/Natal. u Dumisa wasala enkundleni kubambene u Mendlula no Mathenjwa empini eyadalwa yisizwe sakwa Mathenjwa esasedlula kulendawo sivela kwelama Nyasa, Malawi silibangise eManyiseni KwaZulu/Natal. Kulempi abakwa Mathenjwa badla umhlanganiso, bahlabana nange mfuyo nokunye. Kwa Zulu isizwe sa kwa Mendlula safika khona siholwa u Masuku ka Dumisa safika sa khosela, sahlala ngaphansi kwesizwe sakwa Mathenjwa esasiholwa u Gamula ka Mtikibola ngeminyaka yama early 1800s. Abakwa Mendlula bangaba kwa Ntimeni ababizwa ngo Ntimbane kwelika Mabhudu, Mozambique.

Izithakazelo zakwa Mendlula ;

Mendlula, Ntimeni, Magezangobisi, Mhlophekazi, Mluhlu.