clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

UMLANDO WESIZWE SAKWA MNCWANGO NEMVELAPHI YASO

UMLANDO WESIZWE SAKWA MNCWANGO NEMVELAPHI YASO

•“OMncwango babuye baziwe ngokuthi ngabakwa-MFEKAYE/MFEKA, badume ngezithakazelo zabo uMPANGAZITHA, PHAKATHI, NSIBA KAMUTSHA. Abantu bakwa MNCWANGO baphuma kwa-NDWANDWE. Babezinze eMTUBATUBA ogwini olusenyakatho yekwa-ZULU Lapho befudukele khona ngemuva kokuphuma esibongweni sakwa-Ndwandwe.

• Baphuma kwa Ndwandwe batholwa yiNkosi uDINGISWAYO kaJOBE kwa-MTHETHWA. Bafike bakhonza ngaphansi kombuso wakwa MTHETHWA iNKOSI uDINGISWAYO ubanike indawo ephakathi kwemifula emibili, INYALAZI NE HLUHLUWE, enyakatho no Mtubatuba ngesikhathi beya kwaMthethwa babeholwa ngu-MABOLA,kaFUNJWA, uFUNJWA ka NDABA ka ZAWANA

OMncwango batholakala:

1. EMGUNGUNDLOVU,

2. ESHOWE,

3. EMNAMBITHI,

4. EMPANGENI,

5. EMELMOTH,

6. ENKANDLA,

7. ONDINI,

8. EMAHLABATHINI,

9. KWA-NONGOMA ,

1O. EMTUBATUBA,

11. NASO-PHONGOLO

• Kunabantu bakwa-Mncwango abazalwa ngu PHAKATHI ka Nsiba, uNsiba ka Mutsha, uMutsha ka Mjaji, uMjaji ka KHALISHWAYO, ukhalishwayo ka Maqayiya, uMaqayiya ka Mzingeli, uMzingeli ka Mfekaye

• UMNCUMBATHA uzale uMfekaye no Mpangazitha, uMncumbatha kithiwa ubaleke no Mzilikazi ka Mashobane waya eZimbabwe kuthiwa ufike waba nguNdunankulu ka Mzilikazi

• Kuthiwa uphile isikhathi eside njengoba kuvela ukuthi esekhotheme uMzilikazi nguyena obe yibamba

• UMpangazitha nguyena ozale abantu abanaingi bakwa Mncwango

• Isende likaMpangazitha kubalwa uMzingeli ka Mabola, ozale uNsingizi eNdlovukazini yakhe umaMthethwa noNhlekele

• UMzingeli udlule emhlabeni engakabusi, ubukhosi buthathwe yindodana yakhe uNsingizi

• Omunye ozakhele udumo kwa-Mncwango nguMAWUBANE kaMpangazitha ka-Mncumbatha, kuthiwa ubeliqhawe njengoba walwa impi phakathi kweSilo uCetshwayo namaNgisi , ezimpini azilwile kubalwa eyase Ndodakusuka elwa noMbuyazwe, eyaseSandlwana ngonyaka we-1879, uZULU ulwa namaNgisi ngeyase Rock Drift

• Ulwe impi yaseMsebe phakathi kuka Zibhebhu noNdabuko, nezinye uhambe wakha uMuzi wase SIBOSHENI kwa-Nongoma enamadodana ayi-8 okubalwa kuwo uMPONDO, uMTHATHENI, uMPHEZENI, uNDABOKANYE, uMAQHWANA namanye

• Izibongo eziphuma kwesakwa-Mncwango kubalwa uMfeka,uMzimela,uJele-Jere,isizwe saseMancwangweni sizidalele amazinyo abushelelezi ngesikhathi iNkosi uDingiswayo isivakashela, ihamba neSilo uShaka siselibhoxongwana, okuthe uma befika banganakwa banganikwa ngisho icansi lokuhlala bagcina behlale enhlabathini. Lokhu kwenze ukuthi iSilo uShaka ngesikhathi sesithatha ubukhosi sahlasela isizwe sakwa-MNCWANGO ngenhloso yokukhokha ukuthi kazange basinake siselibhungu”

• IZITHAKAZELO ZABO (Mncwango, Mncumbatha, Mpangazitha,Nsiba, Phakathi,Ndaba,Mfekaye, Mjaji ka khalishwayo! Nkophe kaZilingani,Zalingana usuke esozela ! Ncuncu ephuza kweZinde iziziba, Yaphuza kwezimfishane ibuya.

Lolilwazi lucashunwe ekhasini lefacebook: Mncwango Mpangazitha Mjaji

Previous

Sifundza Surname

Next

Umlando wakwa masinga

3 Comments

  1. Bongani Mncwango

    Nezelela olwakho ulwazi mkhulu wami,sidinga lonke olutholakalayo for future generation .

    Umlando wethu njengamaAfrika uxovene kakhulu ngoba sagcina siwubhalelwa abelungu and akunamuntu ozimisele ngokuwuhluza bese ewulandelanisa ngobunjalo bawo.

    Angisasho owethu boMpangazitha kuphela kodwa amaAfrika ngokubanzi.

    Ulwazi nolwazi olusacoshekayo maluqoqwe bese lufakwa lugcinwe enqolobaneni nasesilulwini njengesivuno nembewu eyohlwayelwa esikhathini esizayo sokulima.

  2. Phumlani kaMfeka

    Lomlando akusiwo, ujijene kakhulu, uzalanisa namakhehla angazalani

    • Bongani Mncwango

      Nezelela olwakho ulwazi mkhulu wami,sidinga lonke olutholakalayo for future generation .

      Umlando wethu njengamaAfrika uxovene kakhulu ngoba sagcina siwubhalelwa abelungu and akunamuntu ozimisele ngokuwuhluza bese ewulandelanisa ngobunjalo bawo.

      Angisasho owethu boMpangazitha kuphela kodwa amaAfrika ngokubanzi.

      Ulwazi nolwazi olusacoshekayo maluqoqwe bese lufakwa lugcinwe enqolobaneni nasesilulwini njengesivuno nembewu eyohlwayelwa esikhathini esizayo sokulima.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: