clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Sikobi Clan 😍 Sikobi Surname Meaning, Sikobi Origin, Sikobi History

Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Ngithanda ukuveza umlando umncane kwama Sikobi.
USikobi kwabe kuyigama elaqanjwa umfana owabe ezalwa u Madikizela ku ma Mavundla ngaphambi kokubalekela emaMpondweni asuka endaweni ebizwa Izotsha eSayidi, wayishiya lendodana yakhe endaweni ebizwa nge Ntsimbini manje esibizwa nge Gamalakhe, kuyavela futhi ukuthi Madikizela lona uvela ozalweni luka Ngutshana owabe eyiwele lika Ntshangase bona bezalwa u Msuthu owabe ezalwa uNtamonde yena uNtamonde wabe edabuka e Northen Transvaal lapho wayebizwa ngoMphila noma Mphela, yena ezalwa u Sabela, uSabela ezalwa u Henge, uHenge ezalwa uHohoho noma Huhuhu.

U Sikobi wazala indodana wayiqamba igama lokuthi uMbheshu.

UMbheshu wazala amadodana awo Mjabile , Bhabile, Nkanjeni, Mcikeli and Ntshontsho kwathi kamuva wabe esethola indodana eyabizwa uGwedu.

U Gama kutholakala ukuthi yigama lomunye wamadodana ka Sikobi eyalithola ofudukweni lwayo efudukele e Bizana esuka e Sayidi(Port Shepstone)

Wazala amadidana awo Zingathi nabafowabo nezigemegeme azenza ke lawo madodana nokuyilapho kuvela khona izithakazelo.

Ngokusobala nje uGama uSikobi.

Izithakazelo zika Sikobi ziyafana kodwa umehluko, abanye bagcina ngo Nkanjeni
Abanye bafake Mjabile; Bhabile; Mcikeli; Ntshontsho noma u Gwedu.

Uma ngingakhetha okunye kwalokhu singathi:

Sikobi
Bhucane
Mcheke
Ndleb’ezincane
Zibay’ezinkulu
Rhoya
Ngweny’edl’abawezi
Madikizela
Msuthu kaNtamonde
Ntshontsho
Mbheshu
Gama
Zingathi

Previous

Mlungwana

Next

Mahamba Clan 😍 Mahamba Surname Meaning

2 Comments

  1. Izithakazelo

    Wamuhle umlando. Siyabonga ??

    • MD Sikobi

      Sisaqhubeka nocwaningo lwawo lomlando, ukuze sithole okuyikho singafuniseli.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: