Abantu bakwa Sikobi bavela kuMadikizela, uMadikizela uvela ozalweni luka Msuthu nowafika kwelakwaZulu wahlangana no Mkhize endaweni ebizwa namuhla ngoMzikhulu, bona babedabuka kwelasebesuthuthwini, uMsuthu ezalwa uNtamonde, kuzwakala ukuthi uNtamonde wayengowaka Mphila noma Mphela abagcwele endaweni eyabe ibizwa nge Northern Transvaal manje esibizwa nge Pitoli.

Kuzwakala ukuthi babebizwa ngabembi bensimbi lapho bathi abaka Mkhize uma beyohlala phakathe nelakwa Zulu kwaNxamalala babizwa ngabambo beshiya abakaMsuthu enzansi nelakwaZulu.

Ngakho abakwa Sikobi babengabeSuthu njengabo oMadikizela akusiwo amaMpondo njengokusho kwabanye.