clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Month: February 2020 Page 2 of 16

Mbhense

Mbhense,

Nsindane

Nyathi emnyana!

Zibani Clan Praises 😍 Izithakazelo

Zibani Clan Praises
Nontanda kubukwa
Bhalabhala kamancinza
Zikhonjwa
Manzini [abanye bayamuphika uManzini]Makhoba nina nabhala ngo Zwane banye bebhala ngepeni
Zungu onozwela !!!

Izithakazelo zakwa Zondi

Izithakazelo zakwa Zondi 😍 Zondi clan praises

Zikhona izikibha nama-jacket/hoodies zakwa Zondi Whatsapp / call: 061 868 5163

izithakazelo Zondi mancinza

Prices:
t-shirt: R200
Hoodies: R400

Izithakazelo zakwa Zungu

Izithakazelo zakwa Zungu 😍 Zungu Clan Praises

  • Gwabini,
  • Manzini, Geda,
  • Ncwane, ngankomo yaseMahenyeni,
  • Nyama kayishi, isha ngababhebhezeli,
  • Wena owaphuma ngenoni emgodini,
  • Sengwayo!

Izithakazelo zakwa Zwane

Izithakazelo zakwa Zwane

  • Zwane
  • Mangethe
  • Linda Mkhonto
  • Umafa avuke
  • Zikode kaPhikela
  • UZwane akadlelanga phansi
  • Wadlela emkhombeni Wezinyamazane
  • Edla im’hlambi yezinkomo zamadoda
  • Ndlangashushwana ngokudla amaNdebele
  • Bathi uZwane udleni kwaMtambo?
  • Kuthiwa udle izinjana zimbili
  • Zigcwele umdakana!
  • Ntshosho!
  • Wena Kamafu kawalingani- angaphansi naphezulu
  • Ngoba aphezulu angubo ngubo!
  • Ntsele kaLinda kaMkhonto!
  • Awungilinde Ngilande Ezami
  • Mthanti!Nduna ngokuthwal’ isila sensele!
  • UNtsele kangakanani,
  • Ngoba nasothini lomkhont’ angahlala.
  • Nin’ enadlel’ encazeni!
  • Nin’ eniphakel’ umyeni odengeleni,
  • Ngoba ningabenkosi.
  • Zikode kaNdabansele
  • Mabhayi kawalingani awangaphansi nawangaphezulu
  • Nina bakaVezi
  • Owadl’ isihlahla njengengwababane!

Zwane – Phikela wengwe – Nselenduna nina base tsheni lase Ntshenteka

Zwane – Mandaba, Ukub’ uMandaba wayengehlanga phezulu saso buswa ngubani?

Zinkomo zakwaLinda ezimhlane ugcwele udaka, ezathi zidl’ubhoqo kanti ziyawuhlakulela

Ntshosho, obhukuda ezizibeni ezijulile, uma engabhukudi kwezijulile zibuya nodaka

Mangethe omakhandakhanda

Nina baseMangweni !
Zikode !!!

Zikhona izikibha nama-jacket/hoodies zakwa Zwane Whatsapp / call: 061 868 5163
Prices:
t-shirt: R200
Hoodies: R400

Izithakazelo zakwa Ncala 😍 Ncala clan praises

Izithakazelo zakwa Ncala 😍 Ncala clab praises

Ncala

Maphanga

Mntungwa

Mantungwa amahle

Mantungwa ekhethelo

Nina abase Nkoneni

Nina enibhince ihuse lomsingizana

Nina abeNjiki esechibini Ne lehleko layo bayibona ngamanzi okudungeka

Ngisho nina enihlaza njengetshe lasemanzini. ngoba lona libushelelezi

Nina enabehtela ngesende lendoda entabeni, yingakho niyizinkanyamba

Amantungwa akhishwa emgodini ngeqatha lenyama!!  

Izithakazelo zakwa Hudla

  • Hudla
  • Zwane
  • Mangethe
  • Cebekhulu
  • Lindamkhonto
  • Mafu awalingani angaphansi nangaphezulu
  • Wena wetshe laseNtshenteka

Mdunjana Surname History

Umlando omfushane wakwaMdunjana. 

Umdunjana waphuma eDoornbrook. Udabuka esibongweni sakwa Machi. Uzalwa uJolwayo owazala amadodana amabili okungu Mithini noMbusi. 

Umithini washada wayokwakha endaweni yakwaMachi Eharding wafike watshala amadumbe amaningi athi uma enze umsebenzi bathi abantu “saze sabusa esdunjaneni”, 

Kwangcina sekuyisibongo. Umdunjana wafika lapho wazala amadodana amahlanu. okungo: Okowo, Bhujusi, Osentonga, Uziga noOwakhe. Bonke laba abahlanu sebenesizukulwane sabo.

Izithakazelo zakwa Tlou

I need izithakazelo zakwaTlou. If ngisakhumbula kahle zikanje:
Sutshe,
Mabusa
Umakuyaphambili angisazikhumbuli zithini… please help.

Izithakazelo zakwa Gcwabaza

Gcwabaza Clan Names

Order: 061 868 5163

Page 2 of 16

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: