clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Month: April 2020

Titsakatelo takaMpila

Mpila
dliwako
mabawa
mlotshwa
tsimbitsimbi
wena muntfu muhle wedvwa
bantfu bandzile

Izithakazelo zakoMdlongwa

Ngicela ulwazingemvelaphi lezithakazelo zakoMdlongwa ngiyabonga

Izithakazelo zakwa Wela

WELA
MAWANDLA
NKWANYANA
CIMO
THOLE AZEPHUSI
MAGOYISA
SINGANA/ KHANDISA
SILOSIBI
SNYAMANA
ZIKODE

Dyasi Clan Names

Mbanjwa

Gebane

Mpetwane

Mavuso

Debelimdaka

Izithakazelo Zakwa Dlamuka

Goduka
Mboyi
Ndingi
Khuzwayo
Zwana
Zangqika
Nkotheni
Makhosi Ngetshana
Nhlansi
Sonomose
Jujunga
Juybenga
Mbhongeya
Ndomba yamanzi
Njungunju
Mageza Ngobisi Amanzekhona

Izithakazelo zakwa Ngcobo

NGCOBO
Mapholoba,Fuze fulela
Mashiy’amahle engathi azoshumayela
Mavulankungu
Mbili,Qadi
S’dinane,Maguye

Isibongo sakwa ngcobo sixhumene nesakwaMbili.

Umlando wakwaPhetha

AbakwaPhetha bavela kwaBhengu. Ngesikhathi kubusa uNkungu kwaNgcolosi eNtunjambili wabiza imbizo yaMangcolosi. Kukhona abakwaBhengu ababehlala eMandlalathi khona kwaNgcolosi abahlela ukuvunula kahle baphatha amahawu amhlophe bonke.

Balinda zaphelela zonke izigodi embizweni bona bafika ekugcineni seneqinisekisile ukuthi ngempela seziphelele zonke izigodi. Bafika ekugcineni lokhu okwenza befike ngesikhathi ifika nenkosi. Bafike bama bodwa abangazihlanganisa nabanye. Ngesikhathi ifika inkosi babe sebekhuleka kuqala bebodwa njengokuzihlukanisa kwabo kwabanye. Lokhu kwazimangaza ezinye izigodi zathatha sengathi bayedelela futhi zalindela ulaka lwenkosi ngesenzo sabo. Inkosi yathi iqala inkulumo yakuthokozela abakwenzile yathi niphethile naphetha kahle naphetha ngehawu elimhlophe. Yathi nasi isibongo engininika sona seningabakwaPhetha. Yaqhubeka imbizo yaze yaphela. Bathi sebephindela emumva laba esekungabakwaPhetha bahamba sebehuba ihubo labo lokho okwakusho ukuthi sebezimele sebengabakwaPhetha. Babe sebehlela ukubeka inkosi yabo njengazo zonke izibongo ngalesosikhathi zazinamakhosi azo.

LawoMangcolosi akhetha inkosana yawo uKweyami ukuthi abe yinkosi yabakwaPhetha. Walungiselelwa ukuthatha ubukhosi. Inkosi uNkungu wakuzwa lokho wangakuthanda wathi ababuye babe abakwaBhengu bakhohlwe ukuthi sebengabakwaPhetha , kodwa bala bathi ushilo ushilo bazobeka inkosi yabo nabo njengazo zonke izibongo. Ngalesosikhathi amakhosi ayenabathakathi ababehambisana nawo ngalokho bamuloya uKweyami wazihenga wakhothama engakabuthathi ubukhosi. Kwakufanele alandelwe uFenyane okwakunguyena owayesehola abakwaPhetha kodwa wayengasafuni lutho oluzomhlanganisa nobukhosi ngenxa yokwehlele umfowabo uKweyami naye esaba ukuthi ubukhosi buyabulalisi. LaMangcolosi akwaPhetha akhetha ukulifulathela elakwaNgcolosi aze ayozinza eMgungundlovu namaphethelo njengoba esatholakala khona namanje kuze kuyoshaya eMkhambathini.

UFenyane wazala amadodana namadodakazi amaningi. Enye uNgungu naye owaganwa amakhosikazi ayishumi nanye. Wazala amadodana amaningi namadodakazi. Enye yamadodana akhe uMnyango owagcina esengumholi wabakwaPhetha. Wakha iminyaka Kwamafuze ngaseMgungundlovu wagcina esengundunankulu kaHhemuhhemu inkosi yakwaNgcobo. Ngesikhathi engundunankulu abakwaMafuze bamjikela bathi akabe yinkosi ngoba vele uyena othatha zonke izinqumo. Lokho wakubona njengesenzo sokumbulalisa ngoba inkosi ikhona yena angaba inkosi kanjani. Weqa ngobusuku nomndeni wakhe kanye nemihlambi yakhe waye wathola indawo eMdabuka okuyindawo eseduze nomgungundlovu eCamperdown.

Wayengumnumzane onakho konke engaswele lutho. Enamakhosikazi ayisithupha namadodana namadodakazi amaningi. Wayeganwe uMaNtuli , uMaDlamini, uMaNgubane , uMaMlambo namanye amabili engingawazanga ngezibongo. UHhemuhhemu esetholile ukuthi uMnyango ulishiyile elakhe wamfuna waze wamthola khona eMdabuka kude buduze noMkhambathi. Wafika ngempela wahlatshelwa inkomo emamukela kwazise wayesutha umnyango.

Wakhombisa ukuphatheka kabi ngokuthi ulishiyile elakwaMafuze kodwa wamcela ukuthi aqhubeke abe undunankulu wakhe ekhona eMdabuka. Ngempela kwaba njalo kangangokuthi kwgcina sekungathi lendawo yaseMdabuka eyakwaMafuze nangenxa yokwanda kwabantu abasuka kwaMafuze balandela UMnyango. Ngokufika kwabelungu indawo yaseMdabuka yathathwa abelungu bayihlukanisa yaba amaplazi abo. Abaningi bakwaPhetha bagcina sebeshiyile eMdabuka abanye besuswa ngempoqo abelungu. Namanje amathuna okhokho babakwaPhetha aseMdabuka. Abanye bakhe esigodini sakwaXimba nakwesakwaNyavu khona eMkhambathini. Abanye bakhe Ngaphezulu eMgungundlovu namaphethelo. Imithonseyana iseNdwedwe naKwaMaphumulo nakwaSwayimane. Kukhona abaseMkhomazi.

Izithakazelo zakwa Phetha

Fenyane,

Ngungu,

Bhengu ,

Ngcolosi,

Dlabazane,

Lamula,

Mmepho,

Amaphetha aphethelinkosi ngehawu elimhlophe,

Ngwane

Ngwadi ubonengaSondi ukuthi uwelile,

Mnyovu lodimane sembulankungu kuvelilanga, Shongololo elimlenzelenze ongeke ulidle ngoba uzosabiynyawonyawo,

Abahamba lugugumbe njengenkalankala yamanzi,

Nina bohlangothi olubomvu. AbaseMavuneni Avuna insimu yomuntu ngenkani,

Kulobe UMlungisi Phetha kaMbuyiseni ( UNtambende kalayini) kaVikinduku (uNomzizi uyesabeka,

uMasogayisa wenkehli. Bhajwa ydlubhe yshiyamaqubu. Khwela stezi shi lafisoka) kaMhlazane kaMnyango kaNgungu kaFenyane. Abanye abakwaPhetha abasala eNtunjambili sebezibiza ngabakwaThembani isibongo uPhetha useyisithakazelo sabo. Angazi ukuthi kwenzeka kanjani ngoba nami angikaze ngihlale kakhulu nabo.

IZITHAKAZELO ZAKWA MJADU

Sonqandile
Mshikila
Indlela
Mdlenevu
Mathikazi
Muth’Omnandi kwabawudlayo
Ndabayakhe

Page 2 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: