clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Month: May 2020 Page 1 of 2

Umlando wakwa Mbanjwa nezithakazelo 😍 Mbanjwa history

Umlando wakwa Mbanjwa

Isizwe sakwaMbanjwa singaMakhuze ngeminyaka yawo1700 .ngezikhathi zokufuduka kwabantu .oMbanjwa bebehamba nesizwe SakwaDlamini nesakwa Khuboni nezinye izizwe bonke bengaMakhuze bekhonza ngaphansi kwesizwe SakwaDlamini sonke kuthiwa singsbase Makhuzeni iNkosi ebeyibusa amakhuze .

Kusukwa enhla neSwaziland bekuwuFodo Dlamini .kwabaWuKhukhulela nali iliba lenkosi uKhukhulela kwaKopi eMsinga..ngibuyele kwaMbanjwa ..amaMbanjwa uma eyisizwe ewodwa kuthiwa amaSami yikona kunezi godi
Okuthiwa yiseMasamini amaMbanjwa okusuke kuyisizwe sabo isithakazelo leso esibizwa ngaso oKhathini Msami .ke sihambe njalo ke AmaKhuze eNtunjambili amaMbanjwa uyawathola.ePMB. Sweetwaters .Mgwagwa Richmond.Ixopo Pholela .underberg .

Ahambile ke AMakhuze .akhile azinza e Richmond nenkosi uMiskofil bafuduka bawela uMkhomazi.phesheya nkoMkhomazi uyawathola eSpringvale .lapho aMakhuze neNkosi ebusayo yamaKhuze neSizwe saseMasamini usithola ePholela Esidangeni eECentocow emMZIMKHULU KUPHELA THINA MAMbanjwa izithakazelo zethu ziyefana kodwa kakhulu sisebenzisa obabaMkhulu ngezindlu ….kodwa niyongixolela ma Mbanjwa ngolwazi lwami ..nani seniyojobelela maSami

Izithakazelo :Mbanjwa khathini Msamu Lwandle aluwelwa luwelwa zinkonjane zona ezindiza phezulu omancishane kancane .abaphekwa netshe lavuthwa nina nangongobala masami

Izithakazelo zakwa Ngcece

Ngcece
Fledy
Khiniza
Duyane
Dangazela
Mlilo ovuthathayo
Lusinga luyathunga luyancosuka
Malanda amhlophe okwezinyoni zezulu

Mahlangu clan

Dima SoMlembelele

Izithakazelo zakwa Ngceshe

Ngceshe Lubisi ntonga leshaya Mathonga Nkomo lebovu Nemathole ayo

Dlungele clan names

Mzelemu,

bhimbi,

mabona abulawe nje ngenyamazabe

Nkumbeni,

sikhala,

homoyi kahomoyi!

Izithakazelo zakwaGwabeni

Zungu, Manzini, Sengwayo,mgedezeli,ongamakayishi yisha ngabaphephezeli,nkonyane yase mahenyeni,wena waphuma nenoni emgodini ngongoma zomkhonto wena geja lohamashe olungaziweleli uThukela kodwa luwelelwa zinkonjane!

Nojiyeza clan names

Msangula

kuyasa

nobasa

maphunga!

Izithakazelo zakwaMadida

Ozikode,

Ombhadu,

Oskotha,

Phikela

Itshe lokumbhambhatha,

Wena owasenga inkomo ezimbhili,

Wasenga emhlophe nemnyama,

Madida!

Cwele clan names

Thokazi,

Gabade,

Mayaba,

Mbizana,

Sululu,

Maxoza,

Mjekevu,

Doko,

Ndlumhlophe!

Phuthaza Clan Praises

Gwekazi

Zikode

Wena owabaleka nebala legwe

Mabalabala engwe !!!

Page 1 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: