clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Month: July 2020 Page 2 of 8

Izithakazelo zakwa Sikhakhane

Izithakazelo zakwa Sikhakhane

  • Mboma kaMqhele,
  • Mathula,
  • Nzimase,
  • Sdwaba esinembobo,
  • Wena sango elingezantsi,lapho besa khona imilomo,
  • Wena owangena nesikhuni emanzini sivutha, waphuma naso sivutha,
  • Wena kaMboma os’hlahla samila edwaleni,
  • Wena kaSoqhafuza, umlung’odla izinkobe,
  • Wena nyoka eyacaca emthini ingenazinyawo,
  • Inkomo esengelwa emeveni ngoba wayisengela ethungeni iyalikhahlela,
  • Wena okhishwa ngenoni emgodini,
  • Wena ophatha amakhosi uma esedukuzela,
  • Wena owahlabana ngokwehlula izinyanga nezanuse,
  • Wasuka lapho waxhoshiswa ngokaSenzangakhona, ngezinkomo zekhethelo,
  • Wakhushulwa, awabanankosi, ngoba inkosi yakho kunguNodumehlezi kaMenzi,
  • Mboma,wena wase Nkandla!

Izithakazelo zakwa Mdluli

Mdluli,
Lukhele,
Dambisa,
Ndlovukazi,
Mhlanti wendlunkulu nibahle bahlanti ngoba nihlantekile,
Nomasikisiki nyoni yasindwa sisila nina basemangwaneni Mdluli

Izithakazelo zakwa Hlatshwayo o Mhayise

Izithakazelo zakwa Hlatshwayo

Mhayise wakolanga,
Ngwanya,
Siyendana,
Cebisa kaMabhengeda,
Ugid’gogweni ovala emnyango ngamakhanda amadoda,
Mgogodlana !
Nina enanqoba ibutho lakwaGob’izembe,
Ngele !

Ihubo lakwa Hlatshwayo:

β€œWabulala amakhosi, ingwe yohlanga

Mana nkonyane yohlanga,

Ungwanya bamazi izwe lonke, izwe lonke

Nkonyane yamaNgwanya, bayethuka

Soka siwashise amankengane, sicwecwa izizwe”

Ngcetshu Clan Names 😍 Iziduko

Gangatha, khathula, mbiko, madadasi, mlomo wes’bham, manyathela ngentsimbi abanye benyathela ngenyawo, zandla zineswekile, gqubusha elihle elimpevu, nokhatshile !

Diboko tsa Setoto

Diboko tsa Setoto 😍 Setoto clan names

Setoto is a surname of tswana origin

Setoto translates to carcass Or a dead animals body in tswana and Sotho , it is also believed that we originally came from Botswana , but our native land in South Africa is said to be a place that was known as Transvaal . We are proud batlhaping.

Setoto: motlhaping wa Sechele wa ga Maidi a kgatsele , o tlapa ka lebese metsi a le teng , metsi ke Kobo ya bone ,tlapi ga e tlula yare dumela o e bona ga pula ena ,ga pula e sane ya e kepela e apara Kobo ya bolele

Izithakazelo zakwa Kunene oMgoza

Umgoza !
Zikode
Mashishiwane !
Umkhonto uyaduma njenge Zulu
Ulanga liphuma endlebe yendlovu
kanti aliphumi kweyendluvu liphuma kwenyathi !

Makhwasa clan names

Makhwasa ,
Mhayise,
Ngwane,
Hlatshwayo,
Nomkhono,
Thambo elimanikiniki eladliwa yinja yaze yalibeka ethala,
Swazi elihle,
Web owakhipha amadoda ebandla
Mnkoyeni

Izithakazelo zakwa Ndulini

Ngicela izithakazelo zakwa Ndulini kozaziyo.

Izithakazelo zakwa Mbanjwa

Mbanjwa
samo
kathini
mzukuzeli owazukuzela kwazamazama ulwandle namaphethelo
mancishana kancane
amayoyo
amazamelesangweni
abaphekwa nelitshe kwavuthwa itshe kqala kwasala bona basala bagongobala
amanyimbakumbiwa
amangongonono
abakwamanzi amkhawukhawu
Machophalishona

izithakazelo zakwaMasimula

Ngicela ningitshele izithakazelo zakwaMasimula nomlando wabo ikakhulukazi laba abase natal nokuthi badabuka kuphi

Page 2 of 8

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: