clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Month: June 2021

Khathula Clan Names

Khathula
Mbiko
Madadasi
Mlom’esbham
Nyathela ngentsimbi
Nompetsheni
Gqubush’elimpemvu
Jem Jem ngethambo
Mfaxa ntsipho ziyalila
Unokhatshiwe

Tinanatelo take Mdziniso

Mdziniso
Lukhambule lwabo Nkhosi
Olumacatha mhlophe
Kunene
Mageza ngelubisi
Dikose
Mntimandze lobhambo
Tangaba timbili tafuta kibo nina
Shivakati lomnyamandze

Imvelaphi yabantu bakwaMachi nobudlelwane noNgesi nezinye izibongo zakwaMachi

UMachi uzalwa Msuthu, kaNtamonde, kaSabela, kaHenga. Bavela eLusuthu. UMachi uMagoba inkosi eyabusa ngemuva kukaMachi. Inkosi uMagoba yayinamakhosikazi amane. Izindlu zawo kwakukhona eyakwaMhlamvu kankosikazi endala kulandele eyakwaMjaja, eyakwaNgesi kanye neyakwaMdunjana. Ngakhoke uMhlamvu, noMjaja, noNgesi, noMdunjana akuzona izibongo, kodwa amagama ezindlu zesithembu senkosi uMagoba. Siyazi ukuthi izibongo kwakungamagama amadodana endoda.

Yingakhoke kungezona izibongo ngoba kwakungamagama ezindlu, hhayi amadodana. Isibongo sika Mhlamvu, noMjaja, noNgesi noMdunjana, uMagoba kaMachi. Yingakhoke ungeke uthi uMhlamvu wuNgesi noma wuMjaja. Kodwa ungasho ukuthi bona bobabili bangu Magoba, bayizihlobo, bayazalana.

Izithakazelo zakwa Ngesi

Ngesi – Nondaba kaMagoba, Lawu, Ndenza, Lisela

Izithopho
Mpongose onekhala. Dinwa ukulilelwa. Xabanisa abantu belungisa. USidumo saseNtsingizi emnyama. uSigwinya namkhonto wendoda nothi lwawo.

Page 3 of 3

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: