AbakwaMdleleni Mbulazi Mntungwa Khumalo Mkhatshwa Zikode Mashobana Mdleleni.

Abantu bakwaMdleleni bangaMantungwa, baphuma kubantu bakwaKhumalo.

UMdleleni okwaqanjwa ngaye isibongo wabe engumfowabo Mzilikazi, eyindodana kaMashobana njengabo oNzeni, oMzilikazi, oNgonyama oGquqgu nabanye.

Imizi kaMashobana kwakuseNdinaneni kwabo Mzilikazi, eNyandeni kwabo Ngonyama owazala abakwaNyandeni, kanye naseNsingweni kwabo Mdleleni.

UMashobana wayezele kakhulu izintombi, esengabala kuzo oNozipholo(uMafungwase), uNtanase, uNozinhlwathi(owagana uSikhunyane Dlamini eSwazini, wayengowaseNsingweni), uNgiyalila, uNozinyanga nabanye.

Lesi sizwe saMantungwa saqanjwa ngokhokho waso uMntungwa kaMbulazi. UMntungwa wazala uMabaso endlunkulu noKhumalo ekhohlo. UMabaso wazala uNyathi emzala nendodakazi kaLudwaba wakwaMajozi.UNyathi wazala uMthiyane.

KuMabaso kwaphuma abeNtungwa ‎bakwaMabaso. Kuso lesi sibongo sakwaMabaso kwabuye kwakheka ezinye futhi izibongo ezifana nesakwaHlanguza, esakwaMlilo nezinye.UKhumalo wazala uMkhatshwa owazala uZikode, uZikode wazala uGasa uMashobana noMagawozi nabanye.UGasa wazala uMagugu, uDonda kanye noSiwela owazala abakwaNkosi Ndlangamandla.

UMashobana wazala uMdleleni okwaqanjwa ngaye isibongo sakwaMdleleni, uMakhatha,uNzeni, uMzilikazi, nabanye. Kuthiwa uMdleleni nguyena owayemdala kuwo wonke amadodana kaMashobana. Kuthiwa wayemdala impela kangangokuthi wayengamzala nomnawakhe uMzilikazi. Phela naye uMashobana kuthiwa wayemdala impela, emdala nakoDonda.

Ngesikhathi iLembe lixabane nenkosi uMzilikazi lake lamyeka uMdleleni, langamhlasela. Waze wahlaselwa nguMbomboshe omnyama(iSilo uDingane), selikhotheme iLembe eleqa amanye. Ingxabano phakathi kweLembe nenkosi uMzilikazi yabangwa izinkomo ezazidliwe kubeSuthu bakaHanesi ngaseHarrismith ithunywe yiLembe.

Ngaleso sikhathi inkosi uMzilikazi yabe ingenye yezinduna zeNgonyama uShaka, yayingakabi inkosi. Kuyaziwa ukuthi mandulo kwakuthi uma iqhawe leNgonyama lidle izinkomo enkosini ethile lezo nkomo lalizethula zonke kuleyo Ngonyama esuke ilithumile /esuke ibusa. Kwakuba yiNgonyama-ke eklomelisa lelo qhawe elidle izinkomo.

INduna yeLembe uMzilikazi(owagcina naye eseyiNgonyama)wagodla ezinye zezinkomo ayezidle kuBeSuthu wangazethula kokaNdaba. Kanti kuzogijima umnewabo uNzeni kaMashobana ayobikela okaNdaba ukuthi ezinye zezinkomo umnwakhe wedlule nazo waziyisa kubo eNdinaneni. Kuthiwa wathi uma ebuzwa ukuthi kungani engazethulanga zonke izinkomo wakhombisa okukhulu okwedelela. Laphaka impi iLembe yayohlasela eNgome lapho kwakwakhe khona abakwaKhumalo. Kwaliwa impi eyaliwa iziwombe ezimbili. Isiwombe sokuqala wakwazi ukusinqoba umfoka Mashobana. Kwesesibili kuthiwa wanqotshwa.

Kuyilapho -ke athatha isinqumo sokuthi abhekise amabombo enhla. Kwakuwunyaka ka1821 ngenkathi iNgonyama uMzilikazi isuka kwaZulu. Yasuka yabheka enyakatho, yakha amadlangala endaweni yaseNtabazwe (Harrismith), yathi uma isuka eNtabazwe yabheka ngaseEmerlo ihamba ihlasela ezinye izizwe ngenhloso yokuzakhela ubungonyama. Yakha umuzi waseKuphumuleni ngasesiphethwini soBhalule(Oliphant River) khona eErmelo okwaqanjwa ngawo ilokishi lakhona i-Pumula.Yahlala eEmerlo kusukela ngonyaka ka1822 kwaze kwaba unyaka ka1825 lapho eyabhekisa amabombo eMosega (Zeerust) yafika yakha amahlalankosi ayo uMkhwahla (induna kunguMkhaliphi Khumalo), uMncwazi (induna kunguMtotobi Mabaso) kanye neGabeni (induna kunguMaqhekeni Sithole).

Yahlala kwelabeTswana yaze yasuswa amabhunu kaHendrick Poitgetier ngoLwezi 1837 ngemuva kokushiswa kweGaba, uMkhwahla, kanye noMncwazi ishiswa ngamabhunu kaPoti.UMdleleni wahlala kwaZulu waze wadudulwa nguVezi(iSilo uDingane) efela izono zomnawa wakhe uMzilikazi. Impi kaVezi yamdudula uMdleleni yaze yayomuweza umfula uMthamvuna . Kuyileso sizathu-ke abantu bakwaMdleleni bande kakhulu kwaXhosa.

Esendeni lakhe uMdleleni kwabuye kwaphuma abakwaNyawose esisazobuye sixoxe ngabo.Liyavela igama lomuzi waseNsingweni ezibongweni zeSilo uDingane uma kuthiwa‘ Bantu baseNsingweni ninezindaba!
Gijimani ngazo zonke izindlela
Niyobikela abakwaMashobana’
Ukuthi lukhulu luyeza luyanyelela
Silufanisa noPhunga noMageba’Kanti nalo elikaMdleleni liyavela uma kuthiwa‘Omemeze amaNtungwa akwaSokhumalo
Kasabela uMdlleleni kwasabela uMakhatha’UMakhatha lona wayengowaseNsingweni elama uNozinhlwathi emnhlane. UNzeni wayezalwa yintombi yakwaMkhwanazi okaBebesi, yena-ke wayelanywa nguNoziwawa. Kuthiwa uNzeni naye wayemdala kakhulu kuMzilikazi.

Isenzo sakhe sokuceba umnewabo eNgonyameni uShaka yisona esaholela ekutheni agcine eseyiswe kwagoqanyawo ngumnewabo uMzilikazi, efela bona ubumpimpi.Liyavela igama likaNzeni ezibongweni zeNgonyama uMzilikazi uma kuthiwa‘Indaba yenziwe nguNzeni kaSokhumalo
Wazingela ngasemoyeni esikhaleni sikaBhejane
UNakane lwamnamathela emhlane lwamanakashela
Lwaze lwayogqebhuza ngophondo iNtubeni
INkomo zabeNtungwa zenza inqaba
Zagqibula inqaba ngezimpondo
Ngoba zavula iNgome ngezimpondo zahamba”#nguMzilikazi lowo!ONakane wuhlobo lwezibawu oluthi uma lutinyele inkomo noma umuntu lowo muntu noma leyo nkomo ivele iphathwe isifo se’Nagana disease’, isiphetho kuba ukufa ngoba isifo sonakane aselapheki.


INtubeni ngenye yemizi yeNgonyama uMzilikazi, lowo muzi wawakhelwe kwelaseNgome.Abantu bakwaMdleleni basabazisa kakhulu ubuhlobo babo nabakwaKhumalo kangangokuthi abaganani nokuganana. Nezithakazelo zabo zifana nse nezakwaKhumalo. INgonyama uMzilikazi yaphinde yayivusa futhi imizi kayise iNdinana kanye neNsingo iwuvusela eNtilasifali.Induna yaseNdinaneni kwakunguMbhungwana kaNyanzamakhanda Mashazi, kwathi ngemuva kokufa kukaMbhungwana induna kwaba nguMfangilele kaMbhungwana.

AbakwaMashazi bangaMantshali, phela uMashobana wayezalwa isithole sakhona eMantshalini ingakho indodana yakhe uMzilikazi yayiwakhonze kakhulu aMantshali, ayengomzala bayo.
Induna yaseNsingweni ngesikhathi seSilo uMzilikazi kwakunguSomabhulane waseMaHlutshini.

Izibongo ezihlobene nesakwaMdleleniMabaso
Hlanguza
Khumalo !
Nkomo
Ngubeni
Ntshona
Mahlambi !
Khulu
Macozoma
Mvambi
Phukwana
Phenduka
Nkosi Ndlangamandla
Nyandeni !
Nyawose
Cosa
Manzana
Mdletye !
Nezinye eziningi