oMbedu wakwaMjoli bayingxenye yamaWushe kanye nesizwe samaBhac.

uMbedu lona wakwaMjoli kwakuyiNkosi yesizwe samaWushe ngenkathi lapho singekahlakazwa izimpi kulendawo okuthiwa manje yi-Kzn.
Lesi sizwe sahlaselwa iNkosi yabaThembu uNgoza kaMkhuphukeli ngesikhathi lapho naye wayebaleka iLembe.

uMbedu lona wathunjwa uNgoza emuva kokuhlazwa wamfaka emkhosi wakhe owagcina ufike kwelamaMpondo okuyilapho uMbedu abulawelwa khona empini yabaThembu kanye namaMpondo.
Ingxenye yesizwe sakhe yagcina ingene kwabanye ozakwabo bamaWushe abalishiya leli lizwe eliseduze noThukela beholwa nguSondzaba okucatshangwa ukuthi kwaku umfowabo kaMbedu.

u-Sondzaba wasihola lesizwe wagcina ewele naso uMzimkhulu. Wagcina esesifake ngaphansi kophiko lweNkosi yamaZelemu uMadzikane kaKhalimeshe.
Leso sizwe ilesi esaziwa ngokuthi amaBhaca manje