Izithakazelo zakwa Mabhida Clan Praises

Mabhida
Julaza
Sgwaza
Choko
Mabhala ngozipho abanye bebhala ngamapensela
Udambuza mthakathi
injulala eyadla amahlebeza asobindini
wena owachoba intwala esidwabeni sikanina
Wathi unina phela mntanami ingozi eyasekhaya
Mumbo
Mathenkomo ozala uskibhamketule
Ozala ukhonabesho ingwenya, inkowane
Sihlahla esihle esihlala amasakabuli namaqabazi amahle
Langa !!

Categories Uncategorised

Izithakazelo zakwa Mahaye Clan Names

Izithakazelo zakwaMahaye:

Mahaye!
Nodanga, Ntombela, Ntanzi.

Ezinye izithakazelo ezigcwele ezisetshenziswayo:

Mpangazitha, Mahlobo, Sonomo, Zulu,
Nodange edumile, Mningiza, Mpikwane,
Nondela mzimba odikila isidumbu adle umlenze,
Bubi kabulali ngoba babulala abakwaDludla,
Mabhala ngozipho abanye bebhala ngepensela,
Mnqandwendwe, Mageba sabela uyabizwa,
Dlambedlu olumashobane!

Izithakazelo zakwa Ngoma, Ngoma clan names

Ngoma
Sonkosi
Gcwanini
Sibewu
Wena ka Mabhingcel’ehlangeni amanye amadoda abhingcel’ezindlini
Radebe,Zikode Mafuz’afulele njengelifu lemvula, Mashiya amade anjengawenyamazane Wena mabhala obhala ngezipho abanye bebhala nge pensela
Malala olala nomnwe emuva avuka ancinde akhomb’izulu kwafiphal’ilanga Babuza abakhunkuli bathi ubhula ngani abanye bebhula ngamathambo!!