Mdunjana Surname History

Umlando omfushane wakwaMdunjana. 

Umdunjana waphuma eDoornbrook. Udabuka esibongweni sakwa Machi. Uzalwa uJolwayo owazala amadodana amabili okungu Mithini noMbusi.ย 

Umithini washada wayokwakha endaweni yakwaMachi Eharding wafike watshala amadumbe amaningi athi uma enze umsebenzi bathi abantu โ€œsaze sabusa esdunjaneniโ€, 

Kwangcina sekuyisibongo. Umdunjana wafika lapho wazala amadodana amahlanu. okungo: Okowo, Bhujusi, Osentonga, Uziga noOwakhe. Bonke laba abahlanu sebenesizukulwane sabo.

Imvelaphi yabantu bakwaMachi nobudlelwane noNgesi nezinye izibongo zakwaMachi

UMachi uzalwa Msuthu, kaNtamonde, kaSabela, kaHenga. Bavela eLusuthu. UMachi uMagoba inkosi eyabusa ngemuva kukaMachi. Inkosi uMagoba yayinamakhosikazi amane. Izindlu zawo kwakukhona eyakwaMhlamvu kankosikazi endala kulandele eyakwaMjaja, eyakwaNgesi kanye neyakwaMdunjana. Ngakhoke uMhlamvu, noMjaja, noNgesi, noMdunjana akuzona izibongo, kodwa amagama ezindlu zesithembu senkosi uMagoba. Siyazi ukuthi izibongo kwakungamagama amadodana endoda.

Yingakhoke kungezona izibongo ngoba kwakungamagama ezindlu, hhayi amadodana. Isibongo sika Mhlamvu, noMjaja, noNgesi noMdunjana, uMagoba kaMachi. Yingakhoke ungeke uthi uMhlamvu wuNgesi noma wuMjaja. Kodwa ungasho ukuthi bona bobabili bangu Magoba, bayizihlobo, bayazalana.