Search Results for: Ngqikazi
Izithakazelo Zakwa Sithole Clan Names
Izithakazelo Zakwa-Sithole
Jobe !
Mondisa!
Phumela phandle ngoba kufudumele
Matshana!
Mhlakaza nhlansi zingamshisi
Ziyoshisâ abalondolozi
Maphitha!
Mthembu waseGubazi
AbaThembu bengabakwaMvelase
Ngqikazi zimnyama zingamankankazana
Nyama kaMaqoqo
Abayidla beyidonsisana
Nina bakaMgidi wekhohlwa
Nina bakaThakazelwayo
Nina bakaMqolo
Owadlâ omunyâ umqolo
Nina bakaDidizâ umkhaba
Mkhombâ olwadlâ eminyâ imikhombe
Lwandlâ oluhambezintabeni
Nina baseQhudeni
Jozana olubomvanâ olundakandakana
Qomondâ olumantinyane
Olubukâ umuntu lumethembise
Sengathi luzomakkhelâ umuzi, kanti phinde!
Nina bethole intshwabadeyane
Mthiyane Sonomo
Nina bakaMkhwawozi
Owakhawuzâ Mdodâ akhawuleka
Nkomankomanâ ekhawuzâ abalondolozi
Nina bakaNyawo zimthende, zimthendelezi.
Ngwenyâ edlelâ ohawini
Nina baseNyongweni
Chakijana kaGezindaka
Suka bekhuluma!
Bhande kaMtshiba
Mahamba!
NgokuhambâuyeSwazini!
Luhuluhulu!
Nyokeni!
Nina baseLangeni!
Ninâ enabulalâ abathakathi njengoShaka
Nadlula nawelâ uThukela
Nina bakwaMgwayiza oyinsimbi engagobi!
Sithole Surname origin
Imvelaphi yesibongo sakwaSithole
Siyabonga kuMzomuhle Sithole ngomlando wakwa Sithole
Isibongo sakwaSithole sasingekho ekuqaleni. Lapha kwaSithole endaweni yaseQhudeni entatshaneni iMbilana kade kubonaka ibhungu elide liphuma emgedeni osabekayo okulentatshana iMbilana.
Izibongo ezazigqamile kulendawo ngalesosikhathi esakwaMbeje nesakwaMbatha. Abantu bakulendawo baphetha ngokumbamba bamkhipha emgedeni bamganisela ngentombi bagcine bakhe umuzi wabo.
Abantu bakulendawo bamupha igama bathi nguSithole ngoba etholwe ngokuthonywa ngesithubi sesithole senkomo. Ngenxa yokuthi wayengenasibongo, base bemetha ngesibongo sakwaSithole ngoba kunabantu abase bekhosele ngaphansi kwakhe ukuze bavikeleke ezimpini nasendlaleni.
Kwase kuthiwa babonga uSithole nokuba bayaphila nobuholi bakhe uSithole obabonakala bukhaliphile base bemgcoba bemenza inkosi. Kusukela ngalelolanga bakheka ubukhosi bakwaSithole.
- USithole wazala uMazizikazi
- UMazizikazi wazala uMthembu.
- UMthembu wazala uGabela.
- UGabela wazala uNgqikazi.
- UNgqikazi wazala uMnyanda
- UMnyandu wazala Nzece
- UNzece wazala uMaphaitha.
- UMaphitha wazala amawewele…oJobe noMmpongo.(Kunkosikazi oyikhohlo) ..wazala nenkosana uMbulungeni(‘kundlunkulu)
- UJobe wazala uMondise(eQhudeni)
- UMondise wazala uMatshana.
- UMatshana wazala uManzekhofi
- UManzekhofi wazala uZwelibanzi
- UZwelibanzi wazala uKhumbulani(obusayo manje)
IZITHAKAZELO ZAKWASITHOLE:
Jobe!Mondise!
Phumela phandle ngoba kufudumele
Ungaze ube nomgandeni
Matshana!
Mhlakaza nhlansi zingamshisi
Ziyoshisâabalondolozi
Maphitha!Mthembu waseGubazi
AbaThembu bengabakwaMvelase
Ngqikazi kaGabela
Zitsha zimnyama
Zingamankankazana
Nyama kaMaqoqo
Abayidla beyidonsisana
Nina bakaMgidi wekhohlwa
Nina bakaThakazelwayo
Nina bakaMqoloOwadlâomunyâumqolo
Nina bakaDidizâumkhaba
Mkhombâowadlâeminyâimikhombe
Lwandlâoluhambâezintabeni
Nina baseQhudeni
Jozana olubomvanâelindakandakana
Qomondâolumantinyane
Olubukâumuntu lumethembise
Sengathi luzomakhelâumuzi
Kanti phinde!
Nina bethole intshwabadeyane
Mthiyane Sonomo
Nina bakwaMkhawuzi
Owakhawuzâamadodâakhawuleka
Nkomankomanâekhawuzâabalondolozi
Nina bakwaNyawo zimthende zimthendelezi
Ngwenyâedlelâohawini
Nina baseNyongweni
Chakijana kaGezinda kaSuka bekhuluma!
Bhande kaMtshiba
Mahamba!
NgokuhambâuyâeSwazini
Luhuluhulu!
Nyokeni!
Nina baseLenge!
Ninâenabulalâabathakathi njengoShaka
Nadlula nawelâuThukela
Nina bakwaMgcwayiza oyinsimbi
Ongahlulwa yintâengakhulumi.
Izithakazelo Zakwa Sithole Clan Names
Izithakazelo Zakwa-Sithole
- Jobe !
- Mondisa!
- Phumela phandle ngoba kufudumele
- Matshana!
- Mhlakaza nhlansi zingamshisi
- Ziyoshisâ abalondolozi
- Maphitha!
- Mthembu waseGubazi
- AbaThembu bengabakwaMvelase
- Ngqikazi zimnyama zingamankankazana
- Nyama kaMaqoqo
- Abayidla beyidonsisana
- Nina bakaMgidi wekhohlwa
- Nina bakaThakazelwayo
- Nina bakaMqolo
- Owadlâ omunyâ umqolo
- Nina bakaDidizâ umkhaba
- Mkhombâ olwadlâ eminyâ imikhombe
- Lwandlâ oluhambezintabeni
- Nina baseQhudeni
- Jozana olubomvanâ olundakandakana
- Qomondâ olumantinyane
- Olubukâ umuntu lumethembise
- Sengathi luzomakkhelâ umuzi, kanti phinde!
- Nina bethole intshwabadeyane
- Mthiyane Sonomo
- Nina bakaMkhwawozi
- Owakhawuzâ Mdodâ akhawuleka
- Nkomankomanâ ekhawuzâ abalondolozi
- Nina bakaNyawo zimthende, zimthendelezi.
- Ngwenyâ edlelâ ohawini
- Nina baseNyongweni
- Chakijana kaGezindaka
- Suka bekhuluma!
- Bhande kaMtshiba
- Mahamba!
- NgokuhambâuyeSwazini!
- Luhuluhulu!
- Nyokeni!
- Nina baseLangeni!
- Ninâ enabulalâ abathakathi njengoShaka
- Nadlula nawelâ uThukela
- Nina bakwaMgwayiza oyinsimbi engagobi!





