Search Results for: Ntshonondo
Izithalazelo zakwa Mwelase
Nazi ezikaMwelase(uNtshonondo)
Shoba!
Mwelase! (ongawelanga ngazibuko owele ngezinhlenge zomfula)
Mpikela!
Ntshonondo!
Mafisa!
uDada bhul’amanzi ngamaphiko
iNkwenkwezi eyendele emafini ngokubikelana kwamakhwezi ukuthi sekuyasa
Nazi ke ezikaMwelase (uNongalo)
Shoba!
Mwelase(ongawelanga ngazibuko owawela ngezimpambosi zomvula)
Mpikela!
Nongalo!
Badl’insika balambile
Nkomo kaziphuzi ubusika nehlobo
Wena kamfen’encane eyawela emakhabeni
(Sesiqedile ke ngezika Shoba uMwelase)
Akesibone ezikaShoba(uMjakada)
Shoba!
Mjakada(ojakadule njengethole)
Nowanqa
Zikode
Bese sigcina ngezika Shoba(uMbanzeni)
Shoba!
Mbanzeni!
Mgcibe!
Makhahlelana wakhahlel’umuntu waze wazingcolisa
Ngwane
Salivesha
Mbangumuthi !!
ABAKWA SHOBA
ABAKWA SHOBA
Kukhona oMwelase, oMjakada, kanye noMbanzeni
Ngaphansi kukaMwelase kubuye kubekhona oNtshonondo, oNongedla, kanye no Nongalo bobathathu baphuma ku Mpikela
uShoba(Nongedla)
Mwelase(Ongawelanga ngazibuko owawela ngezimpambosi zomfula)
Mpikela(ngokuphikelela, ondizelephezulu okwezinkonjane)
Nongedla
Ndumela(ngokugwaza amadoda nabafokazana, Unhlangothi zibomvu zimanxebanxeba)
Mkhithika (onjengezulu)
uMathumba Nduna ziya koNkosi
uMagadl’eguqile njengethole
uMgobodi ovele ngamadlebe phezu kwentaba