Nguni
Nkosi
Mhlanga
Gidzagidza
Somdibela
Ncobela
Muth’ongathiwa !!
Search Results for: Somdibela
inzalo kaMthi kaSomdibela kaGobodwana kaNcobela kaMhlanga kaMpembe kaNguni
Inzalo ka Mhlanga isabumbene yayibizwa ngokuthi abeNguni baseMbo ngaphambi kokuthi ibizwe ngokuthi amaMpembe (abakaLanga) kungekabikho igama elithi amaSwati, amaHlubi, amaNdebele, amaBhaca, amaZulu noma amaMfengu. Ngesikhathi seMfecane, iningi lenzalo yakhe yabuthwa namaNdwandwe, amaNgelengele, namaZelemu.
Nansi inzalo yama 1600 to 1800 kaMthi ongothiwa (Mth’ongothiwa) kaSomdibela kaGobodwana (uqobodwane) kaNcobela kaMhlanga kaMpembe kaNguni.
Fakathi
Gagayi
Gizani
Jubaphezulu
Khamba
Kofana
Layitha
Macwaningana
Magongwane
Magwayi
Majoloza
Majwili
Malijojwana
Maphatheni
Masundwane
Matotololo
Mbangwa
Mbongolwana
Mbuyelwa
Mbuzi
Mcaba
Mfenzo
Mfungelwa
Miniyakhe
Mkhandaniso
Mlaka
Mndindwa
Mnyayi
Mphenya
Mqaleni
Msuthu
Mthiba
Myekeni
Ndende
Ngilambile
Ngcaba
Ngxanga
Nkohla
Nodipha
Nongqozolo
Qhaka
Sikhunyana
Sithukuza
Sincithi
Vethe
Vundisa
Zenzile…… nabanye
Ulibo lakwaNcobela // Ncobela surname info
Ncobela Surname history
Mumbo*
Gubhela
khubone
Mgedelezana
Dlozela
Zwide*
Ludiwu
Sidwabasenkomo
Lufelelwenja
Mini*
Fulathelilanga
Mnguni*
Mzimkhulu
Masoka
Mpembe*
Mhuhu
Mhlanga +
Ncobela *
Ncobela, Shawuza, Shebelele
Mnguni omhlophe, wen’othandabantu. Khanya! abakhany’ebumnyameni, makhanyehlungwini, thusi liyabenya, bahle nangaphansi konyawo, Nkala-nkala engaphansi kwetshe, abangahambi ngendlela, bahamba ngenhlanhlatho, Sococo!
Nkosi! awuthandi uthanda abanjani? Uthandomthandayo, sandlesishisayo.
Mhlanga! Nina bakwaMhlanga owuthi uwugawula uphinde uhlume,umagawulwahlume, Mhlakothi, umlimela omuhle ongadliwazele,
Nkom’ekhabako, ziningi zimathole zikhulel’emaduneni, amaland’amhlophe
S’goloza Ndlanz’emnyama njengeshongololo, gwayobabayo, shawuz’oshisayo, oshisamacala emuva nangaphambili.Shawuza kashayeki ushayeka ngamatshe eNyongwana, Mayiza Qobodwane, Somdibela, Mth’ongothiwa, wothiwa zinyoni zezulu kuphela, abeNguni abawela umlambo woThukela nenkomo tigidza-gidza, titshakadzula kwababata amaZizi kaNyembezi athi amaKhabalidzaka. Siqobodwana sakhel’ematsheni ngenxa yokudingindawo, imbuzi zimhlophe qhwa, sicabu-cabu esibomvu, khwehlela kome.Nina baseCelebeni.