Ukupha isihambi ukuzibekela: Uma upha umuntu oyisihambi usuke uzibekela ngoba kothi nawe mhlazane unohambo olude, uthuke uzithele phezu kwalowo owamupha bese naye eyakupha. Enye incazelo: Ubohamba kahle lapho uhamba khona ngoba ngelinye ilanga kungenzeka uphinde uhambe futhi.