Umlando wakwa Mkhwanazi Kwa Mpukunyoni 1800-2025

Abantu bakwa Mkhwanazi kwa Mpukunyoni bafike lapha ngeminyaka yabo 1800 kufika u Veyane eqhamuka ebukhosini bamaSwati ngoba ngaleminyaka ibingakabibikho imingcele yamazwe kanye nawo amazwe asikwe ngo 1884 nge-Berlin Conference.

Uthe uma efika Veyane wathi zibalala kwesakwaThabethe kodwa wangamukelwa wase wadlulela kwesakwa Nyawo nakhona kwangahamba kahle. Wafudukela kwaMnqobokazi lapho athi ukuzinza khona waze wafudukela ngaphesheya kwe Hluhluwe esizweni sakwa Mthethwa esasibuswa INkosi Godongwane Dingiswayo ka Jobe.

Ilapho Veyane wakhonza khona ngokwakha imvunulo, izikhali kanye namakhambi anamandla okwenza yam thanda kakhulu Inkosi Dingiswayo. Kuthe uma Inkosi Dingiswayo isifuna ukwakha umbuso wobukhosi obubodwa obubumbene obunamandla yaba Izwe layo ukuba libhekwe ngamakhosi amancane anjengezinduna zayo yona ibisiba inkosi enkulu. Yaba lelizwe eliphakathi kwe Hluhluwe river ne UMfolozi river ngokulibhekelwa ngaba Khwanazi Veyane. Veyane ufika nje uvela kwa Hlathikhulu ezalwa ngu Cobi ka Jwabu. Kade eyisikhonzi ebukhosini bamaSwati.

UVeyane ukhonze kahle ngaphansi kwa Bathethwa waze wakha umuzi wase Madwaleni nomuzi wase Baswazini kwa Mpukunyoni kwaze kuba Inkosi Zwide inquma inkosi Dingiswayo Ikhanda swkuqubuka izimpi naye Veyane wadlula emhlabeni ngo 1823 emveni kwakhe wabusa noma kwabheka Mayanda ka Veyane yena oze wakha umuzi wase Mahujini, Nqakwe no Nomathiya wase evusa imizi kayise Madwala ne Baswazini.

Naye Mayanda uthatha izintambo ngo 1823 waganwa Mntwana Ntikili ka Zenzangakhona udadewabo we Silo Mpande owakhe umuzi wakwa Nomathiya wabe esezala Inkosi Somkhele ebuse kusukela ngo 1869 kuze kube 1907 yona ezale Inkosi Mtubatuba ngo 1863 obuse ngo 1907 waze wakhithama ngo 1954 yena wazala Mgwazeni obuse ngo 1958 kuya 1961, kwa landela Inkosi Mzondeni ebuse ngo 1983 kuya ku 2007. Kwashintshwa ulibo kwa ngena iNkosi Mzokhulayo ka Madamu ka Mtubatuba ka Somkhele obuse ngo 2011 kuya 2018 kwabe seku ngena Inkosi Ntokozo ebuse kusukela ngo 1922 kuze kube manje.

Umlando wabakwa Mthombeni

Mthombeni history, origin and clan names

Abakwa-Mthombeni baziwa ngokuthi bango-duma noma Dlangisa, Mseleku, Lwandle, Magagula, Ntenga, Mvenya, Dumisa
Laba ke kuthiwa bafikela eSwazini phecelezi Swaziland bafika bakhonza khona
Abakwa-Mthombeni bebengha hambisani nombuso wase swazini okwagcina enye indoda yakwa-Mthombeni igagula igama lenkosi yamaSwati
Abantu bonke bethuka ngoba kunge jwayelekile ukubiza inkosi ngegama
Abase swatini base bethi laba bantu sebengo Magagula
Ilapho kwasukela khona isibongo noma isthakazelo sakwaMagagula
uMthombeni uqobo wayehamba nabantu bakhe umnini sibongo uMthombeni
uMthombeni wazala uDuma
uDuma wazala uLwandle
uLwandle wazala uSibhuzikazi
uSibhuzikazi wazala uMenzelwa
uMenzelwa wazala uMpanga
uMpanga wazala uThabisa
uThabisa wazala uMvenya lo esenidume ngaye
uMvenya wazala dumisa
uDumisa uyena odume ukudlula wonke amadlozi akwaMthombeni emlandweni wakithi
Uyise uDumisa bekuthiwa nguMvenya kahle kahle ubena madodana amaningi okubalwa kubo
uDumisa
Ndodane
Mseleku
Dlangisa
UMan etc
Kuke kwafika impi esizweni sikaMvenya okwenza amadodana akhe ahlakazeke ehamba nabalandeli babo
UDumisa uhambe nodadewebo uNomtshephana bayakhosela kusizwe sabathwa ilapho
uNomtshephana ufike wabona insizwa enhle waqoma ukugana kuyo Insizwa yabathwa
Uma ungaya entabeni zokhahlamba uthola oMthombeni abazibiza ngabathwa abanye bakhona bazibiza oMathebula
Abathwa bavumela ukufundisa uDumisa imfihlo yabo jengoba uDumisa sethathwa njengoMkhwenyana
Lokhu kwenze uDumisa eseyinyanga enkulu esabekayo kuleso sizwe sabathwa namaphethelo eyinyanga ehlula abathwa ngemithi abamfundise yona
Baze bamenza umholi wabo
UDumisa waphatha isizwe sabathwa
uDumisa ugcine seyokhosela phansi kaNombewu Dlamini lapha wafike waba yisilomo
Abakwa-Dlamini bagcine sebefuna ukumbulala ngoba benomona
uDumisa ubaleke wayohlala nomfowabo uMseleku ngase mfuleni unkomazi river
uDumisa ugcine esiyo kwakha isizwe sakhe ehlathini ebelingena mnikazi njengoba beligcwele izilwane eziyingozi
UDumisa usebenzise ukuzicupha (ukuthiya) ngemithi yakhe
Izilwane zaphela nyaaaaa wazihlalela nabantu bakhe abamlandelayo
LALELA USHAKA WASIZWA UBANI UKUTHI AQINE AKHE ISIZWE SAMAZULU
UShaka ubethanda uDumisa Mthombeni emthandela ukuthi uthola iNtelezi kithi.
(Jabula mthombeni isizwe simi ngawe)
Ushaka ubethola intelezi nenyama yezinyamazane ibihlala iningi lapha kwaDumisa okwagcina sokwenza ushaka abize umuzi kaDumisa ngokuthi
KuseMZINI WEZINTO (emzinto)
UDumisa uphile iskhathi eside kakhuuulu ugcine esabela ingane zakhe isizwe sakhe
Unike indlalifa lakhe indawo wayibiza
ngokuthi kuseZIMPETHU ZENDLOVU
Eyinye indawo uyinike umfana wakhe uSawoti njalo indlu yakhona ibizwe ngokuthi
NgeyaseMANDLENI njalo umuntu ophethe njengamanje umfana omunye wakhe obebizwa ngoSAKHAYEDWA (ukhokho kaDuiker Duma esimaziyo sonke usethekwini)
USakhayedwa unikwe unikwe indawo yaseNdungeni eUnderberg njalo namuhla iphethwe inkosi esahla anhlamfana
uDavid van royen Duma
ISITHAKAZELO ZAKWA MTHOMBENI
MTHOMBENI
DUMA
LWANDLE
OLUNGAWELWA OLUWELWA ZINKONJANE ZOBE ZIPHAPHA (zindiza) PHEZULU
MSELEKU DUMISA KAMVENYA DLANGISA THOLE MAKHUNGA MATHEBULA
INYONI EYAKHELEMTHINI YAZE YALILEKA UMTHOMBENI OWAPHEKHWA NETSHE KWAVUTHWA LONA KUQALA KWASALA UMTHOMBENI UMFAZI OMABELEMADE ONCELISSA UMNTWANA ENGAPHESHEYA NOMA LIPHUNGUKE

lomlando uqoshwe wabhalwa wadidiyewa u

Bheshu umfokaMthombeni
Ujamlodi omnyama ngebala omhlophe ngenhliziyo engabona intombi emi phamboi kwami kanti umngani wayo
Ungcwel-tekisi bheka ngapha ntombi abakithi bakulindile
Umbongiseni uzalwa uNkomishi kude buduze unkomishi ezalwa ubheshu ozalwa.

Izithakazelo zakwaMsizazwe

MSIZAZWE
Khambule,
Mzilankatha,
Inkatha kayingen’endlini,yangena kubol’izinkaba zabantwana,
Nina bakwaNkomo zilal’uwaca,ezamadojeyana zilal’amankengana,
Mlotshwa,
Malandel’ilanga,umaliyoshon’emaNcubeni,
Mpangazitha,
Magasolo
Nina basebuhlen’obungangcakazi,
Abadl’embeleni wenkomo kungafanele,
Kwakufanel’udliwe ngabalandakazi,
Nina basemaNcubeni,
Enabalekel’uShaka naziphons’emfuleni,
Kwakhuz’abantu benifihla,
Naphenduk’abakwaKhambule,
Nafik’eSwazini,naphenduk’uNkambule,
Msuthu,
Mncube onsundu ngezinyawo zakho,
Wen’oyithath’iNkosi,uyibeke enhlabelweni,
Nina baseSilutshana,
Nin’enakhelene noMbundo,
Nina bakaMaweni,
Nzimande,
Mncaphayi,
Shezi,
Malangatsha !

Umlando wakwaNcobela Clan History

Umlando wakwa Ncobela:

Abantu bakwaNcobela bayinzalo kaMhlanga owake wazinza endaweni manje ebizwa ngokuthi iseSwazini.

UNcobela kaMhlanga wayishiya indawo eyayakhele izizwe zabaMbo-Nguni nabeSuthu ngesikhathi sokubusa kwamakhosi okuqala ayesuka enkabeni ye-Afrika alibangisa eMpumalanga neAfrika agcina edlulela eningizimu ye-Afrika, emakhulwini ambalwa eminyaka emuva kokuthi isizwe sabaThwa esasakhele kulondawo sisusiwe.

Abantu bakaNcobela kaMhlanga babekhuluma ulimi lwesiTekela olubuye lwaziwe ngokuthi “ukutsefula”. Izizwe ezaziwa ngokutekela amaZelemu, amaPhuthi, amaHlubi namaSwati. Kuthe uma inzalo kaNcobela kaMhlanga sebebheke eningizimu ulimi lwesiTekela lwashabalala. Lokhu kwaba nomthelela indlela ababiza ngayo amagama okhokho babo nendlela abathakazela ngayo.

Kwathi uma kuqubuka izimpi zasendulo, bafudukela eLebombo, indawo esemngceleni wesizwe samaNdwandwe namaThonga.

eLebombo babeyisizwe esisodwa nesizwe samaZelemu, manje esibizwa ngokuthi โ€œAmaBhacaโ€. Isizwe samaZelemu, esasihlanganisa izizwe ezihlukahlukene ezazinobukhosi bazo, sabhekisa amabombo eningizimu. Ezinye izizwe ezazihlangene namaZelemu, zabhekisa amabombo enyakatho.

Njengamanje inzalo kaMhlanga itholakala kulezizwe: amaBhaca, amaHlubi, amaNdebele, amaSwati, amaZulu, amaTsonga, namaNgoni.

Abantu bakaNcobela kaMhlanga manje baziwa ngokuthi “amaShawuza”.

AmaShawuza ohambweni lwawo namaZelemu agcina ewele uThukela azinza eningizimu yezwe laseMziwabantu naseMzimkhulu ngaphambi kokuthi adlulele kwezinye izindawo. Iningi labantu bakwaNcobela manje litholakala kulezizwe: amaBhaca, amaKhuze, iNhlangwini, amaHlubi, amaXesibe, namaMpondo.

Njengamanje amaShawuza atholakala kulezindawo: Mziwabantu, Mzumbe, Mzimkhulu, Mbizana, Flagstaff, MaXesibeni, Matatiele, Ixobho, Highflats, Bulwer & Richmond.

AmaShawuza atholakala eMbizana, eFlagstaff, naseMaXesibeni, aqale azinza eMahlangwini, eMziwabantu okungesinye sesizinda sabantu bakwaNcobela. Uma bethakazela noma ezithutha babalula ubudlelwano basendulo obuphakathi phakathi kukaNcobela kaMhlanga noLudonga kaMavuso.

Ulibo luka Ncobela luhamba kanje:

uNcobela uzalwa nguMhlanga,
uMhlanga uzalwa nguMpembe (uMpembe iNkosi eyazala izizwe eziningi esezinobukhosi bazo obuzimele futhi ziyaganiselana: Mzizi, Zibula, Sosiba(Ncobeni), Khuze, Khesa, Mtolo, Nzimakhwe, Nhlangwini, Mntungwa, Mthimkhulu, Dlamini, Mavuso, Ngwane, Jali… nezinye.),
iNkosi uMpembe ulibo lwakhe luhamba luze lufike ngqo kuNguni kaNtu.

AmaShawuza abenobudlelwane obuhle nesizwe sikaJali, kuthe lapho kuvuka izimpi zezigodi zaseningizimu, isizwe sikaJali sasiza inzalo kaQhaka noNogqozolo kaNcobela ngokubanika umhlaba.

Njengoba sichazile ulibo likaNcobela kaMhlanga luhamba luze lufike kuNguni. Ingakho ezinye izindlu zakwaNcobela zaziwa ngokuthi o โ€œNguni noma Mnguniโ€.

AmaShawuza azinze eMzimkhulu, eMatatiele, eXobho, eBulwer, nase eRichmond aphawula ngokuthi “sisebenzisa igama elithi “Nguni noma Mnguni” kusukela emandulo”. Babalula ukuthi “Thina singabantu bakwaNcobela siyaganisela nezinye izibongo zakwaMnguni, inqobo nje uma bengebona abakwaNcobela.”

Ngamafuphi, abantu bakaNcobela kaMhlanga (amaShawuza), abandawonye. Ngenkathi behla nezwe babehamba bengamaqembu-qembu.

AmaShawuza, ngokwendawo akhele kuzo, ayabhobha, akhulume, athethe isiNtu.

Izithakazelo zakwaNcobela

Ncobela! Shawuza! Shebelele!

Nguni!
Mnguni omhlophe, wen’othandabantu. Khanya! abakhany’ebumnyameni, makhanyehlungwini, thusi liyabenya, bahle nangaphansi konyawo, Nkala-nkala engaphansi kwetshe, abangahambi ngendlela, bahamba ngenhlanhlatho, Sococo!

Nkosi! awuthandi uthanda abanjani? Uthandomthandayo, sandlesishisayo.

Mhlanga! Nina bakwaMhlanga owuthi uwugawula uphinde uhlume,umagawulwahlume, Mhlakothi, umlimela omuhle ongadliwazele,
Nkom’ekhabako, ziningi zimathole zikhulel’emaduneni, amaland’amhlophe

S’goloza Ndlanz’emnyama njengeshongololo, gwayobabayo, shawuz’oshisayo, oshisamacala emuva nangaphambili.Shawuza kashayeki ushayeka ngamatshe eNyongwana, Mayiza Qobodwane, Somdibela, Mth’ongothiwa, wothiwa zinyoni zezulu kuphela, abeNguni abawela umlambo woThukela nenkomo tigidza-gidza, titshakadzula kwababata amaZizi kaNyembezi athi amaKhabalidzaka. Siqobodwana sakhel’ematsheni ngenxa yokudingindawo, imbuzi zimhlophe qhwa, sicabu-cabu esibomvu, khwehlela kome.

Nina baseCelebeni !!