HIophe, DIudIa, Manzini, Deyi, Nomanzonzo, Xhakaza, Nonyama Kayishi ishiswa ngabaphephezeIi, Nsukungaye !!
Search Results for: cebisa
Cebisa Meaning, Clan Names & Origin
Meaning, Clan Names & Origin.
What is the origin of Surname?
surname info is currently not listed.
If you know its Meaning, Clans or History, please add it by making a comment below.
Zakwe Clan Praise // Umlando
Zakwe,
Cebisa,
KaMdlolo,
Xhangane,
Nompungela,
Wena owathwala kuqala amanye amadoda engakathwali,
Luhongo lusematsheni,
Bhudazavezi,
Wena buso bengcili sicaba,
Wena kagxumbugxumbu bezingwenya ezangena zimbili esizibeni yaphuma, kuqala ekandaphuna yasala ekamjangweni !!
Umlando wakwa Zakwe asikabi nawo, sizothi uma siwuthola bese siwufaka lapha ngezansi. Sibonge.
Izithakazelo zakwa Luvuno Clan Names zihamba kanje..
Mthiyane Cebisa Dlalami
Ombikazi Mdlada
owabizwa zimvundla
Wavuma
Ingani akavumanga nakuMalandela
oguqe ngamdolo aze aphucuka
eguqela inkunzi yako Khali
ethi Mdlada vuka izitha zakho
ziku tamele
Isilwane saseGudu
esaguduza endlebeni
saze saphuma
Mthiyane onuka amakha abanye
benuka amanzi
uHay! hay! nami sengizokufa
indlukayezane ngabe ayifanga
ukuba awuzange uyehlele ngaphezulu
Wena kahamu kahamu
osifuba singungubele
nyakana sabhoboka
umuntu uyozizwa izindaba
uncede omakhahlambana
abathi bemupha
Mthiyane.