Bhambatha kaMancinza Zondi

Bhambatha kaMancinza Zondi Inkosi eyalwa nabelungu iphikisana nokukhokha intela ezweni loyisemkhulu bayo. Wajaka uMbambatha kaMancinza isilo uDinuzulu sisazoyihlela impi. Kuthiwa impi yaMakhada kuliwa kubangwa ukhandampondo, okwakuyimali eyayikhokhwa umuntu nomuntu ibhalwa kubelungu. Kunamakhosi amesekayo ubabaza okubalwa inkosi yakwaNgobese uMehlokazulu owakhipha amabutho naye.

Bhambhatha kaMancinza Zondi

Nawu umlando wabakwaZondo IZIBONGO ZENKOSI UBHAMBHATHA KAMANCINZA ZONDI… Ake simusho okaMancinza kaJangeni kaMagenge kaNomashumi kaNondaba… UBhambatha imihlane yamadoda. ULanga libomvu phuma sikothe, kade sikothela kude emafini. Ubuhwanqa obudabuka nenhliziyo, obunye ubuhwanqa budake nemizimba. Usephula imithi iphekiwe endlini kwabo kwaMaPhakade. UMdludli odle izinkomo zikaVoyizana eMgunundlovana. UMagaduzela owabonela empunzini. USibhekuza siliqhina. Sibhekuzele uDlovunga eMgungundlovana. UMdabu zehla ngamasamaniso … Read more