: If you know , please add it by leaving a comment below.
What is ?
is currently not listed. Kindly add it below if you know the meaning.
: If you know , please add it by leaving a comment below.
What is ?
is currently not listed. Kindly add it below if you know the meaning.
UMabaso uzalwa noKhumalo. Bayinzalo kaMntungwa. UMntungwa uzalwa uyena uMbulazi. UMbulazi uzalwa uNdaba (uNdabezitha).
UMabasa akahlobene noMabaso kanye noKhumalo. Kucishe kwafana amagama. Sekwenziwa sengathi into eyodwa. Lokho kubangelwa ukuthi kukhona abantu bakwa Mabaso abahamba begcina sebe zinze kwelase Mozambique. Ukwakhelana kwabo kwagcina sekwenza kubonakela sengathi bayinto eyondwa.
Abantu bakwaMabasa bangabantu bakwaChauke.
Siwela! Siwela kaMabuya oweza embethe uGogwana, uNdlangamandla wase Mandleni owakhethwa eMadinsi, uMntungwa owaqubula amaNtungwa ka Vezi, uMntungwa oMbulazi, uMbulaz’omnyama, Saweliswa sathi khwakhwahla- khwakhwahla ngaphesheya koMkhuzu, Saweliswa nguMzilikazi ka Khumalo. Mzilikazi kaMashobane, Mashobane noGasa kaZikode, Zikode kaMkhatshwa. uKhumalo owa yengwa ngendaba. Wena owadl’izimf’ezimbili, ikhambi laphuma lilinye. uMabaso owabas’entabeni, kwadliwa ilanga lishona bantungw’abancwaba!
Nina bakwaMawela, Owawel’iZambezi ngezikhali. Mwelase omkhulu, uhlubi kanhlanzi, Ucimbinyamane,uNkabi’zindala zimazokololina elaphosu’mkhonto lawulandela, Sigidi sikaVezi, nkosi eguqa bathokoze abasemlethe.
Nina enal’ukudl’umlenze KwaBulawayo! Mantungwa aluhlaza! Mantungw’amahle! Bantwana benkosi, Nina bakwaNtokela! Ndabezitha! Maqhaw’amakhulu. Siwela ka Mabuya! uNdlangmandla wase Madinsi! uMntugwa ka Vezi, Mwelase!
Mbulazi! Khumalo! SIWELA !