Benya Clan Praises are as follows: Damba ka Ngogozabantu,Wena ka Nosikisiki,Wena ka Myaluza,Kanyoni esindwa isisila sayo,Kancwincwi ephuza kwezide izizibaMayingaphuza kwezimfishane inqundeka umlomo,Wena ka Nongcukumane ka Nomafu,Zombane elikhulu,Wena ka Nophikelela,Wakwa Nyoni emnyama eyabizwa ngamakhwela emazibukweni,Damba!
Search results: "ncwincwi" Page 1 of 2
Mdima, Dumakude,Bhodla Bakhoth’abafokazana sesidelile, Mathang’ab’shelelezi angangenwa Ngqwayimane,Mphangandawo, Wena owaduma nensonyama, Yamela, Chumisa, Nzimase, Mfaz’omabele made oncelis’umntwana engaphesheya komfula, Sibiside, Goba Filinga kaMfenyana, Zamose, Khwela phezulu, Majub’adl’ukhethe, Ncwincwi ephuza kwezinde iziziba ngoba may’phuza kwezimfishan’umlom’uyagoba.
Isizwe akwa myeki lesi sitholakala kwampukunyoni (MTUBATUBA) bazibiza ngo Gumede kodwa abasibo nhlobo oQwabe Abayeki bangabokudabuka khona kwaMpukunyoni baphuma Kwa Myeni okushuthi inkosi yabo singasho sithi uMyeni esenyakatho nelika Zulu ezintabeni zoBombo, isbongo sabo saqhamuka ngesikhathi kufika abaKhwanazi KwaMpukunyoni babe sebethi abakwa Myeni bona ngeke baphathwe nhlobo ithonga emva kokuthi umkhwanazi esenikwe izwe. Babe sebephambana […]
Malunga Surname Malunga, Thulisa, Mtungwa, Gengelezi, Ngqondo kaZishawushawu, Abawelase abawela ngezindlela ezimpambosi bewela ngesilulu, AbakwaSjalimane ezala ukumlandela, Maqungo, Jojo beswele kuze kuswele nezintakakazi, incwincwi eyaphuza eMhlathuze kwafa amadoda, uSilwane esaphuma embizeni sangena entangeni, Mthimuni, Ndlovu, Gatsheni, Boyabenyathi buyasongwa buyasombuluka !!