Mangethe, Cebekhulu, Mbengo, Mbambo, Mungwe, Phikelela, Nsela, Ndabakansele, Zikode, Nsele, Mafu, Mthayi, Mgabhi, Mhlaba, Mchwayo, Ntshosho, Cengesi, Thinta Abanye bazikhumbula kanje IZITHAKAZELO ZOMBAMBO Mageza ngobisi lwenqu… yabafazi bamanye amadoda, abafakozana begeza ngamanzi, Ubambo kaludliwa ngabafokazana, ludliwa umlandokazi, Mbiko, Mkhemezela, khethwayo, Jangaza, Bhubhu kaNdaba, Goba ngokugoba amadolo, Mbambo kaLushozi kaMomoyi ka Mandlovu.
Search results: "ndabakansele"
Imvelaphi yabakwaZwane Abantu bakwaZwane bangabaseMbo, okusho ukuthi bayazalana nabakwaDlamini,Ndwandwe,Shabalala,Mkhize namaHlubi. AbaseMbo babehlala bonke eNatali, okwathi abakwaDlamini Nkosi uma sebehamba bewela uPhongolo bahamba nabakwaNdwandwe, beholwa uNgwane 3, kanti kwaNdwandwe babegolwa uLanga kodwa wajika futhi uLanga wayokwakha eMagudu, kwathi uNgwane yena wakhothamela eMbilaneni endaweni yakwaNyamane eSwazini namuhla. AbakwaZwane bona kabazange basafuduka nabahlobo babo ukuya eSwazini. Abantu bakwaZwane […]
Umlando wabantu bakwaZwaneAbantu bakwaZwane babizwa ngokuthi ngamaNgwe, bangamaNtungwa-Ntuli futhi badabuka enhla neAfrika, eMangweni. Iningi labo litholakala eHlobane ngaseFilidi, eMthezi, eMnambithi, ezintabe zoKhahlamba nakwezinye izingxenye zeKwaZulu Natal. UZwane uqhamuka ebukhosini bamaNgwe kwaqanjwa ngaye isibongo, kwathi ngokuhamba kwesikhathi kwabakhona nezinye izibongo eziphuma ngaphansi kwalobukhosi esingabala uCebekhulu. UZwane uzale uMungwe, uMungwe wazala uPhikelela, uPhikelela wazala uNsela (Ndabakansele) oyinkosana […]
Ntshangase: Mgazi, Biyela, Menziwa Mthiyane: Ndaba, Sokhulu, Luvuno, Zondo, Mazwi, Mzwili, Nqoboka, Skhangane, Langa, Ndlovu, Dlemdlem, Sokotshane, Mhlungu, Madela, Lingode, Sibhene, Gobholubabayo, Masingasilele, Sokhulu Zuma: Nxamalala, Msholozi, Matomela, Bophela, Novela, Mpisi, Zitha, Lugaju, Chongochi, Nyambisa, Hlokohloko, Maphumephethe Zwane: Mangethe, Cebekhulu, Mbengo, Mbambo, Mungwe, Phikelela, Nsela, Ndabakansele, Zikode, Nsele, Mafu, Mthayi, Mgabhi, Mhlaba, Mchwayo, Ntshosho, Cengesi, […]