Izithakazelo zakwa Mzobe clan names Umlando

Izithakazelo zakwa Mzobe 😍 Mzobe clan names

Mzobe,
Ngcolwane,
Phohla,
Walawala,
Khinibe,
Hlekani ,
Nongoza omuhle,
Jojwane,
Bhidi,
Malala,
Zembe libomvu,
Majilane
sombude,
inyoni ephuza kwezinde iziziba, ithi iyaphuza kwesifishanelinqundeke umlomo,
wena owafundis’abant’uk’hleka bengakwazi bethi amazinyo zingcili,
u thangana,
welinjani,
fundisa,
lamula…
nina bakantinta,
nina bakabonisa ,
fundisa,
umlenze bomvu yommbili,
unombika.
uthongola ngesithodlwana,
nina enathenga ulaka ngethole.
udlangamandla,
usambula nkungu kuvele ilanga:
umnisi wemvula,
khumbuza,
nina basemvuleni,
phela thina sancengwa inkosi udumehlezi ukuthi sinise imvula, ngoba sasigcono. sisengcono namanje;
singojokozela,
ndinisa,
nina enakhishwa ngenoni emgodini,
nongoza omuhle,
malala nomunwe endunu…….wavuka kwachins’ilanga
nina bakamlamula nkunzi, ziyeke zibulalane……
sojoli
qhudeni
nina bakanomaphela
nyanga kayidl’umuntu imudla ngoba eseyinyathele
umaqabul’intombi isal’imamatheka
nina bakasonyangisa,
baka nongameyana,
baka nodlulayihlinzwa,
nina baka qgam njengamalangabi,
nina baka xoki, baka ndukembana
baka ncaphayi unogwaja ovikel ikhanda kuphela

Izithakazelo zakwa Mzobe Clan Names

Izithakazelo zakwa Mzobe

mzobe,

ngcolwane,
phohla,
walawala,
khinibe,
hlekani ,
nongoza omuhle,
jojwane,
bhidi,
malala,
zembe libomvu,
majilane
sombude,
inyoni ephuza kwezinde iziziba, ithi iyaphuza kwesifishanelinqundeke umlomo,
wena owafundis’abant’uk’hleka bengakwazi bethi amazinyo zingcili,
u thangana,
welinjani,
fundisa,
lamula…
nina bakantinta,
nina bakabonisa ,
fundisa,
umlenze bomvu yommbili,
unombika.
uthongola ngesithodlwana,
nina enathenga ulaka ngethole.
udlangamandla,
usambula nkungu kuvele ilanga:
umnisi wemvula,
khumbuza,
nina basemvuleni,
phela thina sancengwa inkosi udumehlezi ukuthi sinise imvula, ngoba sasigcono. sisengcono namanje;
singojokozela,
ndinisa,
nina enakhishwa ngenoni emgodini,
nongoza omuhle,
malala nomunwe endunu…….wavuka kwachins’ilanga
nina bakamlamula nkunzi, ziyeke zibulalane……
sojoli
qhudeni
nina bakanomaphela
nyanga kayidl’umuntu imudla ngoba eseyinyathele
umaqabul’intombi isal’imamatheka

nina bakasonyangisa,

 

baka nongameyana,

baka nodlulayihlinzwa,

nina baka qgam njengamalangabi,

nina baka xoki,

baka ndukembana

baka ncaphayi unogwaja ovikel ikhanda kuphela

Izithakazelo zakwa Mzobe Clan Names

Izithakazelo zakwa Mzobe

Mzobe,
Ngcolwane,
Phohla,
Walawala,
Khinibe,
Hlekani ,
Nongoza omuhle,
Jojwane,
Bhidi,
Malala,
Zembe libomvu,
Majilane
sombude,
inyoni ephuza kwezinde iziziba, ithi iyaphuza kwesifishanelinqundeke umlomo,
wena owafundis’abant’uk’hleka bengakwazi bethi amazinyo zingcili,
u thangana,
welinjani,
fundisa,
lamula…
nina bakantinta,
nina bakabonisa ,
fundisa,
umlenze bomvu yommbili,
unombika.
uthongola ngesithodlwana,
nina enathenga ulaka ngethole.
udlangamandla,
usambula nkungu kuvele ilanga:
umnisi wemvula,
khumbuza,
nina basemvuleni,
phela thina sancengwa inkosi udumehlezi ukuthi sinise imvula, ngoba sasigcono. sisengcono namanje;
singojokozela,
ndinisa,
nina enakhishwa ngenoni emgodini,
nongoza omuhle,
malala nomunwe endunu…….wavuka kwachins’ilanga
nina bakamlamula nkunzi, ziyeke zibulalane……
sojoli
qhudeni
nina bakanomaphela
nyanga kayidl’umuntu imudla ngoba eseyinyathele
umaqabul’intombi isal’imamatheka
nina bakasonyangisa,
baka nongameyana,
baka nodlulayihlinzwa,
nina baka qgam njengamalangabi,
nina baka xoki, baka ndukembana
baka ncaphayi unogwaja ovikel ikhanda kuphela

Umlando wakwa Mzobe

Originally samaSwazi sifike kwaZulu ngenxa yenkosi uShaka.

Kwakunesomiso kwesenkosi uShaka; kufa abantu, imfuyo isha, ngisho ukudla emasimini. Abantu benkosi uShaka babengasakwazi ngisho ukuhleka ngenxa yesomiso. Wathumela ibutho enkosi uSobhuza wokuqala ukuba kuyocelwa uMzobe agonise izulu esizweni senkosi uShaka.

Nebala kwabanjalo! Safika kwesenkosi uShaka, sagila izimanga. Kwasa ngakusasa sekukhona amazolo, into eyayingasaziwa, kwadlula lane izulu. Inkosi yasigxoshisa ngezinkomo; sanikezwa indawo, sakha umuzi waba inxuluma. UMzobe wabekwa njengenye yezinduna zasebukhosini.

Okwathi ukuhamba kwesikhathi, uShaka wabiza izangoma nezanusi ukuthi nazo azinise izulu njengalokho kwenze uMzobe. Zazama zahluleka, zancama. Inkosi yabe isitshela uMzobe ukuba afundise izangoma nezanusi ukuthi ulinisa kanjani izulu. Hawu! Wala! Waphetha uNgcolwane ukukhipha imfihlo yakithi.

Lokho kwayicasula kakhulu inkosi uShaka; wabe esekhipha ibutho ukuthi lihlasele isizwe sikaMzobe, kwazise phela sasesande sikhulu kweliMthaniya. Salwa nebutho lenkosi uShaka, salinqoba. Lokho kwathukuthelisa inkosi uShaka; yabe seyijuba ibutho elalinamandla elalibizwa ngokuthi iNyonikayiphumuli. Lelo butho lalwa nesizwe soNgcolwane, salokhu sihlehle njalo, saze sayowela uThukela, sehla njalo sigudla usebe lolwandle, saze sazobhajwa kwelamQadi (Thekwini).

Kanti nempi yayilokhu isihubhe njalo. Lokho kwenza ukuthi siqhubeke sigudle usebe, sadlula kwelamanzi amtoti, saze sayobhajwa kwelamaPondo. Yingakho namhlanje unoMzobe abangcwele kwaMaphumulo, eThekwini, Toti nakwelamaPondo.

AbasePondoland bafika lapha babizwa ngokuthi abantu basematolweni, kushiwo amazolo. Hawu! Lezi zakithi zavumela phezulu ukuthi zona zingoMtolo, kanti nathi umsuka wethu singoMzolo, hhayi uMzobe. Kodwa ngenxa yabantu benkosi uShaka ababethefula, bahluleka ukuthi bathi singabaseMazolweni ngoba safika kwesenkosi kwaba khona amazolo; bona babethi singabasemazobweni, kwase kuzaleka uMzobe.

Ikhehla okuyilo elaliphethe isikhwama kwakunguMlenz’bovu yombili, nalelo gama walethwa zinsizwa zakithi ngoba bamugwaza ethangeni ngomkhonto, waphumela kwelinye ithanga, kodwa waqhubeka wala, khona kunjalo. Ingakho singoWalawala; uzokhumbula ukuthi wala, wala, waphetha nesikhwama sakithi.

SingoMnisi bemvula ngoba safika kwaZulu sanisa izulu. SingoBonisa abantu ukuhleka ngoba babengasakwazi ukuhleka abenkosi ngenxa yesomiso esasibulala kwasani. Kwagika thina, bahleka abantu; ingakho singoHlekani.

Ibinda wena wenkosi!

by Mdu β€œChief” Mzobe (directly added by the guest on this blog)