clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Abakwa Mbhele 😍 Imvelaphi yakwa Mbhele

Abantu bakwaMbhele bazalana kanye nabakwaNtuli kanye nabakwaShabangu. Banobuhlobo nabaseMaHlutshini. UMbhele wayelamana noZingili noNkosi II (wesibili) ogcine ezala abantu baseMaHlutshini. UZingili ugcine ezala isizwe samaZingili, uMbhele uzale isizwe saMaBhele.

Bobathathu bebezalwa nguDlamini II (wesibili) obebusa eSwaziland okusibeka ekutheni baphume kwaDlamini. Lababantu basemigedeni ngabasentabeni yaseLenge, ngasemfuleni iWasbank ngaseMnambithi. Ngabantu laba abebefuyile, imfuyo yabo idla eduze nemigede yabo.

Ngesikhathi besemigedeni, kubhoke indlala badlana bodwa nabanye abebezidlulela ngendlela kwagcina sebaziwa ngamazimuzimu. Okunamhlanje abantu bakwaMbhele babizwa ngamazimuzimu. INkosi uSenzangakhona yabacela ukuba baphume emigedeni yabo. Ngaleso sikhathi bebebuswa nguMahlaphahlapha wakhona eMaBheleni.

Umuntu ogqame kakhulu kulababantu, nguSompisi kaGuqa Msalela kaNontshingila. USompisi ubengahambisani nokudla abantu. Usuke nabanye abebengahambisani nalowo mkhuba, behla nezwe bazokhonza KwaZulu kuSenzangakhona kaJama.

Ngesikhathi beza KwaZulu, bebeqhuba izinkomo zabo sekubonakala ngezintuli ebezisuswa yizinkomo. Phakathi kwezingane zikaSompisi ayehamba nazo singabala inkosana yakhe, uGwatshaza, uNdlela, uMahawule noBhibhi indodakazi. UNdwane uzalelwe KwaZulu. Kuthe besanda ukufika KwaZulu inkosana uGwatshaza yashona.

Ekufikeni kukaSompisi KwaZulu, uzakhele igama eNkosini uSenzangakhona. Ngesikhathi ezocela indawo ezokhonza enkosini, imbuze ukuthi ungubani, zayichazela izinduna zayo inkosi ukuthi ungumholi walaba bantu ababonakele ngezintuli ngesikhathi behla ezintabeni nezinkomo zabo. Inkosi uSenzangakhona ithe β€œO! NingabakwaNtuli zankomo.”

Kusukela lapho ke kwabe sekuthiwa ngabakwaNtuli. Njengoba kushiwo ukuthi uSompisi uzakhele igama eNdlunkulu kwazise wayenobuciko bokupheka izinkobe nenyama. Ugcine esephekela iNkosi uSenzangakhona lapho wazithola esebizwa ngoNkobe. UBhibhi indodakazi kaSompisi, igcine igana inkosi uSenzangakhona, yazala uSigujana nendod

Previous

Abakwa Ngema 😍 Imvelaphi yakwaNgema Clan

Next

Mkoko surname

2 Comments

  1. Sbonelo mbele

    Laba abasala eLenge bona babekhonza kuyiphi inkosi futhi bona ababizwanga ngo Ntuli basala bengabakwaMbhele bona ubukhosi babo buhamba kanjani ngoba ngikholwa ukuthi abasiyona inzalo ka Sompisi Kanye NoNdlela

  2. Bakhona Mbhele.

    Siyabonga kakhulu ngomlando wamabhele.
    Sicela niqhubeke nokusazisa ngawo nokunye okuthinta uMbhele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: