Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

AbakwaMasuku 😍 Masuku Origin 😍 Masuku Clan 😍 Izithakazelo Zabakwa Masuku 😍 Umlando Wabakwa Masuku
Abantu bakwaMasuku kusengabantu bakwaNdwandwe. Abantu bakwaNdwandwe badabuka ngasezintabeni amaGudu.Lezi yizintatshana ezengamele umfula uPhongolo.Ngakho-ke kusashiwo uma kukhulekwa kwaNdwandwe, kwaNxumalo kumbe kwaMasuku kuthiwe ”Ndwandwe waseGudu”noma kuthiwe nina base’Gudunkomo’.iNdlu yaseKhohlo yaMaNdwandwe nokuyindlu yakwaNxumalo yona yazinza ngasentatshaneni iTshaneni enyakatho yomfula uMkhuze nalapho sekulidolobha laseMkhuze khona namuhla.
Indlunkulu yamaNdwandwe yona-ke yakha eMaGudu,iKhohlo lona lakha ngaseTshaneni. Ngakho-ke amathuna okhokho bakwaNdwandwe asemaGudu kuthi awokhokho bakwaNxumalo wona abengaseTshaneni. Abelungu sebaze bakhe iHhotela okuthiwa yiNtaba yeSipoki(Ghost Mountain),ngoba abazukulu bakwaNxumalo kwathi sebakhe kwaGasa(Gazankulu)babuya bezokhuluma nokhokho babo emathuneni ngaseTshaneni.Kodwa-ke abengwadi basebenzisa leli gama ukuheha izivakashi nokusebenzela nje imali.
AbakwaNxumalo babefike noSoshangane kwaGasa(eMozambikwe). Kwathi ngemuva kokunqotshwa kwenkosi uZwide inqotshwa yiLembe uSoshangane waphikelela enyakatho wafika wakha isigodlo sakhe sakwaGasankulu(Gazankulu nomaGazaland) asiqamba ngegama likakhokho wakhe uGasa kaManukuza kaLanga wokuqala.
ENdlunkulu yakwaNdwandwe kwaphuma enye ingxenye eyagcina ibizwe ngabakwaMasuku. Lokhu kwenzeka kanje:Inkosi yakwaNdwandwe uLanga (wokuqala) yakhipha izwi kunomsebenzi.
Le ngxenye yona yapheka ukudla ebusuku yadla yaqeda ukudla iphikisana nesinqumo senkosi. Kwathi uma kuzwakala enkosini ukuthi kukhona abaphikisane nezwi lenkosi lokuthi kungaphekwa,inkosi yakhipha izwi lokuthi kuhle bahambe emzini wakwaNdwandwe,baba ngabakwaMasuku ngokuoheka kwabo ebusuku.
Ngakho-ke ngesikhathi sokubusa kwenkosi uZwide kaLanga isibongo sakwaMasuku sasezivele sesikhona. Iningi labantu bakwaMasuku lahamba nenkosi uMzilikazi, inkosi yakwaSokhumalo.

AMAQHAWE AKWAMASUKU:

Mabili abaqhawe esibongweni sakwaMasuku. Elokuqala nguMadlenya Masuku owabe engumngane omkhulu weqhawe labeNtungwa uMzilikazi kaMashobane. UMadlenya waba ngomunye wezinsizwa ezaqokwa yiLembe ukuba ziyihlasela abeSuthu bakaHanesi.
Lokho kwakuyisu leLembe lokuyobulalisa uMzilikazi ngabeSuthu bakaHanesi ababakhe eNtabazwe(Harrismith).Ngaleso sikhathi uMadlenya kanye nezinye izinsizwa babe sebekade magcina ukulwa izimpi. Lezo zinsizwa uMzilikazi waziqamba igama elithi ‘iMbozisamahlanga’. Wanqotshwa uHanesi kuleyompi, zadliwa izinkomo zakhe.
Kwathi uma kugqabuka igoda phakathi kukaShaka noMzilikazi uMadlenya ukuba ngasohlangothini lukaMzilikazi. UZulu uhlasela amaNtungwa izikhawu ezimbili nje uMadlenya wayelwa ngasohlangothini lwamaNtungwa. Engani uMzilikazi wayezalwa yintombi yakhona kwaNdwandwe uNompethu. UMadlenya wasala empini yaseNtumbane nokuyimpi yesibili amaNtungwa ayilwa noZulu.
UMadlenya wazala uMbiko kaMadlenya owagina eseganwe yindodakazi kaMzilikazi uZinkabi. UMbiko kuthiwa wabe eyinkunzi yeqhawe. Wayehola ibutho elalaziwa ngokuthi ‘uZwangendaba’. Leli butho lagqama kakhulu ngenkathi linqoba amabhunu kaNdaleka Hendrick Potrigieter. Ngemuva kwaleyo mpi uMzilikazi waklomelisa uMbiko ngokumganisela uZinkabi.
Kwabuye kwaqubuka impi yomndeni esizweni sikaMzilikazi ngemuva kokukhothama kwakhe uMzilikazi. Kwathi ngemuva kukukhotha kweSilo uMzilikazi undunankulu wezwe uMncumbatha kanye nezinye izikhulu zombuso kaMzilikazi zaqoka uLobhengula nowayengeyona indlalifa ukuba athabathe izintabo. Inkosana kaMzilikazi kwabe kunguNkulumana owayesadingisiwe ngenkathi kukhotha uyise .uNkulumana wayelamana noZinkabi emhlane.
Kuthiwa ukubekwa kukaLobhengula kwamthukuthelisa kakhulu uMbiko wagcina ngokuphaka impi. Yadumelana-ke ekaMbiko nekaLobhengula kodwa ngeshwa wanqotshwa uMbiko, wafa ebulawa nguDliso kaMkhithika iqhawe likaLobhengula. Leyo mpi yalwelwa endaweni yakwaBulawayo eZimbabwe emfudlaneni owagcina oqanjwe ngayo leyompi kwathiwa umfula INgazini.Kuthiwa ngemva kwempi izinkubela zageza amanxeba azo kuwo lowo mfula.
Ngakho-ke amanzi ashintsha umbala, ngoba ayesexhubene negazi leZinkubela.Inkubela umuntu osinde empini.
Izibongo zikaMbiko kaMadlenya::
Imbongi yakhe kwakunguThuso Msimanga:
Ukhozi lwamafu omkhathi lukaMadlenya
Olumazipho kahlab’esihkabathini somhlaba
Olwakhe emadwaleni ezintaba.
Undabandab’emagudwini’ezindlini nezindlwana
Umdlodloma omnyama wakithi kwaMashobana
Inhlwathi eluhlaza yasesikhotheni
Iphakama lezinyanga elamila ebabeni
Umadlala ngejozi kabuzwanga ngabafokazana
Bethi lo!! Ngumfokabani?
Linzonzobal’elizinz’esiqingweni seSiphilongweni(omunye wemizi yakhe)
Likhulu ngilifanisa noMdlaka eZansi(iqhawe leLembe)
Owapheqa uLangalibalele emaQwabeni
Insali zakhe aziwelanga iMfolozi emnyama ngamazibuko
Zayiwela ngezihlenge zomfula!
Umazi wsmazibuko emifula
Ohamba ethungatha ezibuzis’amazibuko
Yena ewazi!
Impungushe emagegege ngokugegelel’izintaba
Umzila way’ungewulande
Ngumgudwan’ozombazomb’ezihosheni
Umzembazemba wakithi omnyama kaNdaba
Owazemba OJingeni ngomdikadika(iKlwa)
Kwanuka umswane kaNdaleka(ibhunu uHendrick Pottgieter)
Amabala akhona athi gephu umophelo wamaLawu(Amakhaladi)
Owadla iLawu emhlubulweni
Labubulisa okwendlezane yenyathi ifuna ithole
Lakhuza ngaphansi naphezulu
Kwaze kwavela inkambinkambi eluhlaza
Laze lanxambusha amahlwili abomvu!
Usiwelamifula mithathu
Siwel’uMguza siwel’uKhoce siwel’Mbembesi
Sidunga amanzi emazibukweni kusisitheke izingwenya
Zikhumbule imisinga yasemigugwini
Nina baseMazibukweni
Tshelani uMncumbatha ukuthi amanzi awacwebile(undunankulu wezwe)
Kuza igagasi lasolwandle
Kuvunguza isikantulukane saseMampondweni
Lo wancusela amasi phandle
Endlini wesaba abakhwenyana
Ongadelanga ukubusa ngabomo
Wathi Mncumbatha nenzalo yaSwazi gwedlani(inzalo yeSwazi kushiwo uLobhengula ngoba unina uLufulatha wayezalwa kwaShabalala eSwazini)
Akubuse mina
Nina niyawubusa ezizweni!
Umdinankomo nabantu
Enjanj’ingenkomo
Enjanj’ingenyama
Isicwasho siyamanyazela bakaMalandela
Yisicwasho sakoMasuku
Izikode ingangesithando sebibi entwasanyaka(umlilo omkhulukazi)
Sishise isikhotha sasoMabenzela(kushiwo uLobhengula ngoba unina wayezalwa nguMabizela Shabalala)
Sibonga abafoka Mdletsha waseNsindeni(iNsinda kwabe kuyibutho likaMzilikazi lagfina leseke uMbiko)
Sibonga amadodana kaBakakhulu waseLangeni
Abamsingatha ngezihlangu Ojingeni(oJingeni umuzi kaMzilikazi nokuyilapho uMbiko Masuku abulalela khona amabhunu namaLawu)
Imicibisholo yamaLawu yapheca(yanqundeka, yathundubala)
Luqheleleni bo! Ngithi luqheleleni ugiyegiye
Vulan’amasango lungene
Nantu ugiyegiye lukaZwangendaba(ibutho)

Izithakazelo zakwaMasuku:

Sothondose waseGudunkomo
Zwide kaLanga
Nkabahle
Sandla sivika umkhonto kuhle kwehawu
Nina enagunda inkomo nethole layo
Nina baseGudunkomo
Somaphunga
Mkhwatshwa
Inkosi ayiqedwa