clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Category: Amakhosi Page 2 of 5

Abakwa Mkhize 😍 Umlando wabakwa Mkhize

Mkhize

AbakwaMkhize baluzalo luka Langa Samuketi, okusho ukuthi bahlobene kakhulu nabakwaDlamini nabakwaNdwandwe.

Kuthathe eside isikhathi babizwa ngokuthi abaseMbo, okusho ukuthi bangabaMbo-Nguni. Umuntu ongukhokho noma okubizwa ngaye abaseMbo kwabe kunguMumbo owayeluzalo lukaNguni owayengowase kabazwe lena koCameroon-Congo. UMumbo wathatha abantu bakayise wabheka nabo ngasempumalanga nezwekazi iAfrika okuseKenya namuhla. Wafike wahlala endaweni eyaqanjwa ngegama lakhe kwathiwa EMBU, isekhona namanje le eKenya.

Ukwahlukana kwabaMbo kwenzeke ngezoikhathi zofuduko lapha eTalagubha ngasezintabeni zeLubombo. Okwathi abakwaMkhize bahwebelana namaPutukezi base behlanjalo ngokugudla ulwandle kanti izihlobo zabo bakwaDlamini bagudla Lubombo bephindelela bona. OMkhize bahambe njalo beklamisa imfuyo yabo ezindaweni eziphakeme ngoba zabe zino mkhizwana kumila kahle uhlaza.

Kuthe sekubusa inkosi uLudvonga waMavuso kwelakaNgwane, watsi akulandvwe letihlobo tabo letilandzelana nemikhizo yematolo. Nangembala ke watfumela emancusa kutsi balandvwe kodvwa phindze kuvuma labo bantfu baka Mkhize kunaloko baba cosha ngetikhali. Watsi Ludvonga sebakaMkhizo lokwagcina sekutsiwa Mkhize.

KwaMkhize kwakuno Sibiside kaSidweba wayezele eziningi izingane okubalwa uShange noMavovo namawele okwabe kuwu Mpondo noMpondomise abawela umzimkhulu bakha kwelakwaXhosa izwe. Okunye umkhonto wagwaza ekhaya kwavela isibongo sakwaMabhida. UShange kwavela isibongo ngaye oDumakude.

Ukuzalana kwaMkhize:

ULanga wazala
UNdlozela owazala
USidweba owazala
UMdladla owazala
USibiside/Gubhela owazala
UMavovo owazala
UKhabazela owazala
UGcwabe owazala
UZihlandlo owazala
USiyengela owazala
UNgunezi owazala
UTilongo owazala
UNkasa.

Lukhona nolunye uzalo lakoMkhize oluningi angilufakanga lapha.

Izithakazelo;

Gcwabe!
Khabazela kaMavovo kaZihlandlo!
Mumbo omhlophe,
Wena waseMbo
Wena okhanya amasi esiswini,
Singela,
Ngunezi, mumbo ombulazi,
Sibiside esimaphandla esaphandla abeNguni bavungama,
Ni bengwazi emabhudle ethi isabhudla yabuye yaphinda yabhudla,
Malala amahle,
Nina enalala nomunwe navuka nakhwifilanga.
Nzalo kaSambela
Nzalo kaLuzalo
Zalankomo!

Lalela izithakazelo zabakwaMkhize lapha ngezansi:

AbakwaDUBE

AbakwaDUBE

Abantu bakwaDube ngokomdabu bayinzalo kaNdzinisa obeyindodana kaNgwane wesithatu okusho baluzalo lwaseMbo kwaDlamini kuMalangeni. UNdzinisa lona esendeni lakhe kwavela izibongo ezinjengo Dube, Dludlu,Tsela noNdzinisa zonke lezibongo ngamaZomba.
Abantu bakwaDube bahambe nomholi wabo uKhushwayo ukuya kwaZulu bafike bakhonza kuGodongwane(Dingiswayo) baliqhamukisa eSwazini. Kwathi esesocongiwe uDingiswayo sekubusa uShaka kaSenzangakhona bazinikela kuya babangaphansi kombuso kaZulu besebeholwa uNzwakele kaKhushwayo.

Kuthe sekubusa uDingane bahlukumezeka kakhulu abantu bakwaDube ngoba phela uDingane lona wayengabafuni abantu ababezwana noShaka ebahlasela ebahlakaza. Balishiya izwe labo laseMadlanzini bewela uThukela bayokwakha ngapho. Kuthiwa kwabe kukhona isizwe ebesakhelene nabakwaDube okwabe kungu Nqoboka wakwaSokhulu owafihla omunye wamakhosikazi aNzwakele kanti wayekhulele ngenhlanhla wazala umfana owaqhuba ulibo lobukhosi bakwaDube, uHabana igama.
Kuthe uMpande esenqobe uDingane umntwana uCetshwayo wezwa ukuthi uNqoboka ufihle izinyane lakwaDube nakhona wenzwa kuxoxwa ngoba uHabana wasinda edovadovwa yinyathi. Kwathiwa uNqoboka wakaSokhulu akalethe uHabane ekomkhulu ukuze azekuhola isizwe sakubo kwaDube. Wathi uCetshwayo ababuyele endaweni yakubo kodwa uHabane wakhetha ukuwela uThukela aye kubantu bakubo.

Ukuzalana kwaDube:

UNdzinisa uzale uSodubo owazala uGwabini,
Gwabini wazala
UKhushwayo owazala
UNzwakele owazala
UHabane owazala
UNtungelezane owazala
UMagemegeme osabusayo.

Izithakazelo:

Dube
Mtima
Mzomba
Nyamazane
Mbuyazi
Lushozi
Nzwakele
Dubelimthente
Khushwayo
Machamahleli njengengwababane
Donda
Silwanelesihle
Mageza ngobisi abanye bageza ngamanzi!

Abakwa Mngomezulu

Abantu bakwa Mngomezulu

Abantu bakwa Mngomezulu ngabeSuthu abaPedi basePolokwane lapho badabuka khona. Lesibongo sidatshulwa uMngomezulu okukholakala ukuthi kwabe kungumholi walesizwe esehla sayohlala ezintabeni zoMdzimba eSwazini. Ngenxa yezimpi ezabe sidalwa inkosi uSomhlolo ekufikeni kwakhe kuleya ndawo, uDlakadla kaMalinga obesekahola abakwaMngomezulu walifulathela wabheka ngaso lwandle.

Ukukhothama kukaDlakadla kubese kubekwa uZondiwe indodana yakhe esihlalweni sobukhosi ngoba wayemdala kuMsunduka. Kuthiwa inzalo yayingabonwa kuZondiwe okwenza ukuthi umfowabo uMsunduka angene enye yamakhosikazi enkosi. Okwathi ngelinye ilanga uMsunduka ephuma endlini kunkosikazi kaZondiwe wambona wase emubiza emtshela ukuthi uyayazi inkinga yakhe akunankinga akamzalele indlalifa. Nangempela yakhulelwa inkosikazi kaZondiwe kwazalwa uLubelo kaZondiwe. Leyo nkosikazi kwaku kaMafulela uwazala uLubelo.

Sahamba isikhathi wagula uZondiwe kwathi sebeseMabantaneni kwamenela lapho wase ekhothama. Wase egcotshwa ukuba yinkosi uLubelo emva kukayise uZondiwe. Inkosi uLubelo ubone izizwe ayakhelene nazo zihlaselwa uShaka kanzima wavele waqhuba izinkomo wayokhonza kuye uShaka, wathi uma ehlasela abomlekelela okaNdaba. Kuleso sikhathi ke uLubelo wakhe umuzi wakhe eNkungwini leyo ndawo iphakathi eSwazini namuhla.

Ukuzalana kwabo;

Mngomezulu uzele
uMdluli noMafu, uMdluli uzale
uMsuthu ozale
uLudonga ozale
uNgwane ozale
uMalinga ozale
uDlakadla ozale uZondiwe, uMsunduka noMbangamuni.

uZondiwe uzale
uLubelo ozale
uMbikiza ozale
uZombizwe,uBhungane noMbalekelwa

uZombizwe uzale
uKhathwayo yena ozale
uMndeni.

Msunduka uzale
uMdludlu ozale
uMboni ozale
uNyambane ozale
uMahembe.

Izithakazelo zako Mngomezulu;

Dlakadla
Mdluli
Msuthu wasenhla
Lukhele
Masok’ anqunu ngemizimba yawo
Makhuba aluthuli ngokukhubana wodwa ezinyaweni
Maphakela indoda edlengelweni
Weba udlele entanyeni
Nina bakaSobhuza
Izingonyama ezidlekhaya ngokuswela umelusi
Mhlanti wendlunkulu
Makhunga!
Skhangisa!
Lukhele qhawe elinjonjo
Nkabanhle nkaba yenkosi!

Umlando wabantu bakwa Bhengu 😍 Izithakazelo zakwa Bhengu

AbakakwaNgcolosi/ Bhengu

Umlando wabantu bakwa Bhengu 😍 Izithakazelo zakwa Bhengu

Umuntu ongukhokho wabantu bakwaBhengu uNgcolosi owayezalwa kwaDlamini eSwazini noma ngithi ayezalwe ngabaseMbo okungu Dlamini 2.

Kuthiwa umzukulwana kaNgwane(Lusibalukhulu) kaShongololo kaNgcolisi, wayenomkhuba wokulalana nodadewa abelamana naye emhlane okwagcina esemkhulelisile. Leso senzo saba ngesibi kakhulu emndenini okwaphoqa ukuthi baxoshwe ekhaya ngoba balingolise ngehlazo. Leyo ndodana eyabhebha ekhaya yaqanjwa isibongo esisha kwathiwa uBhengu. UBhengu ke wahamba wayokwakha ngaphesheya koThukela, endaweni ekuthiwa kukwaNgcolosi eduze koMngeni.

Kuthiwa abakwaBhengu babona amaChunu nabaThembu beshakaziswa inkosi uShaka babona kuncono ukungena ngaphansi kombuso wakhe okwabe kunguMmepho kaNgwane kaLamula lowo. Kuthe sekubusa inkosi uDingane kwaZulu bahlupheka bonke abantu nezizwe ezasihlobene kakhulu noShaka ngoba uDingane wayebahlasela ngenxa yokwesaba ukuthi bangahle bamvukele baphindiselele umngane wabo uShaka. Ngakho bahlaselwa abakwaBhengu inkosi yabo uNkungu kaMmepho wabulawa amabutho kaDingane waphoswa emfuleni uThukela base bebaleka ke abakwaNgolosi baya kwaNtunjambili. Bagcine abanye beyokwakha sesizwe samaQadi. Ubukho obungasemaQadini kuthiwa kuseKupheleni kanti obukwaNtunjambili kuseNyambeni. esinye isibongo esaphuma kwaBhengu esakagwaza bona abakhe eBabanango nakoNtinbingwe.

Ukuzalana kwaNgcolosi

UNgcolosi wazala
UShongololo owazala
UNgwane 1(Lusibalukhulu) owazala uDlabazane, owazala
UBhengu owazala
UNgwabini owazala
UNgwane 2(hhayi amakhosi aseSwazi) owazala
UMmepho owazala
UNkungu, uSijongo noFaku

UNkungu wazala
UHlangabeza,noDlongolo

UDlongolo uzale uMaphitha noVika.

UMaphitha uzale uShopho

UHlangabeza wazala
UMathole, uSidanga noMpisiyenduna.

UFaku wazala uNdlokolo

Indlu yaseHillcrest:

UDlongolo wazala
UVika owazala
UDinabakubo ozele inkosi
UBhekisisa ebusayo.

Indlu yaseNyambeni kwaNtunjambili:

Hlangabeza uzale
Mathole ozale
Hluphizwe ozale
Vusumuzi noNkosikhona

Nkosikhona ubusayo emva komfowabo uVusumuzi ongazalanga inkosana.

Izibongo ezaphuma kwaBhengu :

Jali
Luthuli
Dlongolo

Izithakazelo sakwBhengu:

Ngcolosi
Dlabazane
Ngwane

Isilo uCetshwayo kaMpande

Isilo uCetshwayo kaMpande

Ingonyama uCetshwayo uyisende lesilo uShaka kaSenzangakhona, okwathi nxashana izintombi lezi azabezibizwa ngezimbali zesigodlo kutholakala ukuthi sezizethwele, okwabe kungu Ngqumbazi wakwaZungu noMonase wakwaNxumalo. Izingwevu ezabe sihlangene noMkabayi kaJama nendlovukazi uNandi kaBhebhe waseLangeni unina kaShaka, benza icebo lokuthi lezintombi ngoba sezizethwele akutshelwe uShaka anikeze uMpande lezintombi zigane yena. Kwakwenziwela ukuthi lezingane zikhule ngaphansi kwakhe uMpande kungaziwa ukuthi ngezi kaShaka.

UMPANDE wayengazingeni ezokubuthwa nokuya ezimpini wayezihuqa ngomlotha ahlale ezaleni,ethi uShaka akayekwe athi uma edla emshiyele ukudla akuqedele uMpande. Wabizwa ke uMpande wathi UShaka uzomthathe abafazi ababili emlobolele. Kuthiwa akaphendula uMpande wavele wagiya okwakukokuqala empilweni yakhe ukuthi agiye adlale. Wabuthwa ke uMpande waba nebutho lakhe walotsholelwa uNgqumbazi noMonase wagcagcelwa, wamkhipha kwaDukuza uShaka wayokwakhelwa eNdulinde eMandeni namuhla. Kodwa wamtshela ukuthi uNgqumbazi uyozala inkosi eyobusa emvakwakhe UShaka kodwa lokho Kwamxaka uMpande ukuthi kuyokwenzeka kanjani lokho. UMpande uganiselwa lezintombi akazi ukuthi sevele zikhulelwe. Kodwa kwakufihliwe ukuthi uCetshwayo benoMbuyazwe ngabesende likaShaka ngoba obengaveza lokho wayengayiswa kwagoqanyawo ukudalula izimfihlo zasendlukulu.

Ukuze kuthiwe UCetshwayo kaMpande kungoba phela uShaka akaganwanga izintombi wazendlulisela kuMpande, wakhuliswa uye uMpande. Kwase ke kuvela igama elithi ABANTWANA kushiwo laba besilo uShaka, kuthiwe kunaBANTWANA lapha kwaMpande. Lokhu namuhla abasendlukulu bebizwa ngaBANTWANA njena. Ubukhosi obusabusa namanje obesende likaShaka, ngisho isilo UZWELITHINI KABHEKUZULU solo inzalelwane kaShaka ngqo. Ngizoqhubeka ngo Cetshwayo ngomhlomunye. JINININDI OMNYAMA UMAGWENGWANE NGOKUGWEGWA KUBA KAYISE! BAYEDE WENA WENDLOVU!

Inkosi yakwaMandlakazi uZibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama

Inkosi yakwaMandlakazi uZibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama, enomunye wa makhosikazi akhe.

UZIBHEBHU wayengowakwaZulu isibongo owabamba elikhulu iqhaza empini yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka eseka umntwana UCetshwayo. Kuleyompi kwancotshwa umntwana uMbuyazwe kaMpande okwasala naye uqobo nabaningi abantwana abafa kuleyompi, esingabala uMantantashiya kaMpande, uShonkweni kaMpande, uMbheduka kaMpande, uSomklwana kaMpande, uMdomba kaMpande, uDabulesinye kaMpande.

Waphinde uZibhebhu wabamba elinye iqhaza elikhulu empini yaseSandlwana amaZulu elwa nabamhlophe. Wayengelinye lamasekela eqhawe umdidiyeli wempi insizwa endala uNtshingwayo kaMahole wakwaKhoza. Kuthe isilo uCetshwayo siya ekudingisweni ENgilandi samnika umntwana uDinuzulu ukuthi akhulele kuZibhebhu ngenkathi sona siphesheya.

Kodwa ekugcineni uZibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama uphenduke esikhulu isitha sesilo uCetshwayo ngokuqhathwa abamhlophe nenkosi yakhe. Lokho kuxabana kwadala inzondo enkulu phakathi kwalabangani okwagcina ehlasele oNdini okwakuyisigodlo sesilo uCetshwayo, uZibhebhu. Kwafa cishe izikhulu eziningi zesilo uCetshwayo zibulawa amabutho akhe uZibhebhu okubalwa uGodide kaNdlela kaSompisi, inkosi uSihayo wakwaNgobese, uNtshingwayo kaMahole wakwaKhoza, uMbopha KaWolizibi wakwaHlabisa ewu ngingazibala ngifikephi kodwa.

Kuthe sekubusa isilo uDinuzulu KaCetshwayo waziphindisela kuye uZibhebhu kaMaphitha elwela uyise uCetshwayo. Okwathi empini yakwaNdunu wanqotshwa uZibhebhu kaMaphitha.

Hhaaa! Umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kwesabe amagwala! Nani maswazi yekani ukufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ungowakithi eBhanganoma!

Image may contain: 2 people, people standing and text

Isilo samabandla uDinuzulu kaCetshwayo.

Isilo samabandla uDinuzulu kaCetshwayo.

Image may contain: 1 person, text

Isilo uMamonga woSuthu sathatha izintambo zobungonyama siminyaka engu16 ngemuva kokukhotha kukayise uJininindi omnyama, isilo uCetshwayo. UMamonga uzalwa undlukulu okaMsweli nengonyama uCetshwayo kaMpande kodwa bayisende lesilo esikhulu uShaka kaSenzangakhona.

Image result for Dinuzulu kaCetshwayo

Isilo uMamonga sathwala kunzima kusukela ekukhothaneni kukayise. Salwa izimpi noZibhebhu kaMaphitha siphindiselela uyise owahlaselwa uye okaMaphitha lapho kwacoboshiswa amashumishumi ezikhulu zakwaZulu, nesilo uqobo sathola ukulimala kulolo hlaselo. Isilo uDinuzulu samnqoba uZibhebhu empini yokugcina ekuthiwa eyakwaNdunu.

Soshangane

Soshangane

Image result for soshangane

Endlini yasekhohlwa kaLanga kaXaba kaLudvonga kaMavuso kwazalwa uManukuza owagcina esebizwa ngoNxumalo. USoshangane uzalwa uZikode kaGasa kaManukuza(Nxumalo) okuyindlu encane yakwaNdwande. Futhi khona kwaNxumalo kwaNxumalo isibongo sakwaMasuku.

USoshangane kwakungenye yezinduna ezikhulu senkosi yamaNdwandwe uZwide, eyakhumuka yalibhekisa eMozambiki behlulwe inkosi yamaZulu uShaka. Nxa efika kulelazwe okaZikode walwa ngendlela ehlukile kuleza zizwe eyakwaZulu wazinqoba kulula. Ngisho namaPutukezi wawanqoba wase akha ubudlelwano babo. Wakha umuzi noma isigodlo wasiqamba ngoyisemkhulu wakhe wathi kuseGazankulu. Uyisemkhulu uGasa.

USoshangane uzale amadodana amaningi kodwa agqama kwaba uMawewe inkosana noMzila ikhohlwa. Ukwathi nxa esekhotheme USoshangane ngoba 1858 ubukhosi kwakufuze buthathwe inkosana uMawewe, kodwa wabangiswa umfowabo uMzila. Okwaliwa kwabonakala ukuthi uMawewe uyanqotshwa, wahamba waya eSwazini enkosini uMswati wesibili oweyeyisihlobo sakhe ezalwa ubabekazi kayisekho uThandiwe kaZwide(laZidze) . Nangemphela ke uMswati 2 wakhipha ibutho eliyolekelela uMawewe elaliholwa uLomahasha wakwaMahlalela lafike lamdudula lamnqoba uMzila, wabaleka wayakocasha kumaPutukezi eDalagubhe(Maputo) . Labuyela emuva ke ibutho elaliholwa uLomahasha wakwaMahlalela.

Wasuka uMawewe wakhipha amabutho ukuyobulala uMzila lena kumaPutukezi, kanti amabutho ezohamba indlela ende efike esekhathale anqotshwe kulula uMzila namaPutukezi. Abuye uMzila ehlasele uMawewe owabalekela kuMswati eSwazini, wafike Mswati wamnika indawo yaseMgobodzi khona eSwazini uMawewe. Wabusela khona eMgobodzi ke uMawewe, basebenzisa uMkhatshwa isibongo iningi labo kodwa bakhona abasebenzisa uNdwandwe kanye noNxumalo. Namuhla kuzalo lukaMawewe kubusa intombazane uKhulile wakwaMkhatshwa khona eMgobodzi eSwazini.

UMzila wabusa kahle eGazankulu nabantu bakhe ehlezi nawo amaPutukezi. Kona kaLanga ekukhothameni kwakhe. I ndodana yakhe uNgungunyane uMdungazwe kaMzila, walwa kakhulu namaPutukezi awehlula aze amthatha waya ekudingisweni ePutukezi eYuropu lapho wabulawelwa khona. Kwazalwa umfowabo uMpisane kaMzila owathatha abantu bakayise wayozinza eMpumalanga naseLimpompo eNingizimu Africa, okwakuthiwa iNtalasifani ngesikhathi soNtamolukhuni(amaBhunu) . Nalamuhla kusabusa oMpisane abangamakhosi okusolo kungoNdwandwe oNxumalo oMkhatshwa. Solo baluzalo laka Soshangane kaZikode kaGasa kaManukuza kaLanga kaXaba kaLudvonga ka Mavuso.

AmaNdwandwe ngabaMbo-Nguni, okusho ukuthi baphuma Mumbo kwaDlamini, ngezimnandi.

Izibongo ezihlobene nazo:

Ndwandwe
Nxumalo
Mkhatshwa
Masuku
Phakathi
Mncwango
Manqele
Mpisane

Umkhosi wamaganu kwaZulu

Umkhosi wamaganu kwaZulu

Image may contain: 8 people, outdoor

uShaka kaSenzangakhona kaJama kaNdaba kaPhunga no Mageba kaZulu kaMalandela kaLuzumane

Image may contain: one or more people

Umfanekiso isilo sakwaDukuza uShaka kaSenzangakhona kaJama kaNdaba kaPhunga no Mageba kaZulu kaMalandela kaLuzumane.

Umlando oxoxwayo uthi isilo uShaka sizalwa inkosazana yaseLangeni(emaLangeni oDlamini ) uNandi kaBhebhe/ Mhlongo oluzalo luka Lugoloza wakwaDlamini eSwazini endlini yobukhosi lobu ba Mswati 3.

UDlungwane kaNdaba udlungwane wombelebele!
ILembe eleqamanye amalembe ngokukhalipha, uNodumehlezi kaManzi!

Bayedeeee! Zuleliphezulu!

Page 2 of 5

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: