clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Dlamini Sibalukhulu history

Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Dlamini Sibalukhulu history

Ngenxa yokuthi umlando wawungabhalwa kodwa udluliselwa ezizukulwaneni ngomlomo nangezithakazela asinalo ulwazi olugcwele ngomlando wakwaDlamini. Okuningi kwalahleka, kodwa kukhona okwagcineka okuncani esikwaziyo ngabakwaDlamini.

Abantu bakwa Dlamini baningi kakhulu futhi basebenzisa izibongo ezehlukene akumangazi-ke ngoba ngesinye isikhathi uthola beganene bodwa. AbakwaDlamini bayatholakala kulolonke leli laseNingizimu ye-Afrika.

Ababhali abaningi bayaphikisa ngalomlando ngoba emuva le akusacaci kahle ukuthi umlando wabakwaDlamini uhamba kanjani…

Ngokuka Prince Zuko Pokwana bazalana kanje:
Ludiwu, Sidwaba, Lufelelwenja, Mini, Fulathelilanga, Nguni, Mzimkhulu, Masoka, Mhuhu, Nqubeni, Mhlanga, Musi, Mntungwa, Ndlovu, Dlamini, Ludonga, Mswati, Ngwane, Dlamini, Nkosi, Mavuso, Magudulela, Ludvonga, Dlamini, Ngwane, Ndungunye, Sobhuza, Mswati, Ludonga, Mbazeni, Ngwane, Sobhuza, Mswati iii.

Bakhona ke nabanye ababhali abawulanda ku MuMbo. Kuyacaca-ke lapha ukuthi ngokuhamba kwesikhathi babe sebehlukana ngokwezindlu babe sebeyofuna amadlelo aluhlaza ezindaweni ezehlukene. Ilelo nalelo qembu labe liholwa inkosi yalo. OoDlamini abehlukananga, bonke umnyombo wabo uqala ku Dlamini wokuqala. Babe sebezibiza ngezindlela ezehlukene: amaSwazi, amaZizi, amaKhuze, Inhlangwini, Fodo, Tolo, Soshenge…

Omunye wababhali balomlando wakwaDlamini, u Siyabonga Jama Mviko ubhala kanje:

“Sengiyibhekisise kahle indaba yakwaDlamini, cha! Abantu bakwaDlamini bonke bazalwa ndawonye. Bakhona esingabatholi kahle umlando wabo kodwa bonke ekugcineni basuka esendeni elilodwa.

Behlukaniswa ipolitiki yomndeni nokuhlakazeka ngokwanda kwabo kanye nezigameko ezithile. Abanye kubonakala ukuba abazange balandwe oyise ababazalayo basala ezizweni kanti abanye bazalwa amadoda akhishwa ekhayeni ngebanga lemikhuba thizeni!

Abantu bakwaDlamini ngokwezizwe zabo:

AmaZizi
EmaLangeni
abakwaSibalukhulu
UDlamini-Latha
AbeNtungwa

 

source: zuluculture dot co dot za

Previous

Sinanatelo saka Dlamini

Next

Imvelaphi yakwa Dlamini

4 Comments

  1. Nkosikhona dlamini

    Ndizalwa kwa dlamini sibalukhulu ndicela ukwazi ngomlando ,nenzalo yosibalukhulu,magaduzela uba badibana njani no zizi

  2. Ngwane

    Mina ngizalwa isizukulwane sikamahlanyane bathi nonyanga but i was born in south africa what happened to my history

  3. Ngibingelele kosomlando. Bengicela ningicacisela ngoDlamini Sibalukhulu ukuthi ungubani uzalwa ubani namadodana akhe ngokunjalo, ngifisa ngokwazi ukuthi wayezinzephi ngokuhlala kanjalo namakhosikazi akhe nokuthi wayephila ngamiphi iminyaka, ngiyabonga

    • Lindo Fuze

      Uzothola-ke mntakababa ukuthi uSibalukhulu/Sibaside is a pen-name of umlungu owakha isizwe sabaNgoni (the first Christian converts eNingizimu Africa). “USibaside owaPhandla isizwe sabeNguni” Kuzophikisana with the “history” that’s out there ngoba vele ibhalwe yibo abasinqoba. OSibalukhulu/Sibaside baya bandakanyeka ekwakhiweni kwezithakazelo zethu, yingakho nje uzobona ngathi siqhamuka from less than 15 common people as “Amazulu” onke. It’s the same people who are writing histories.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: