Isilo uCetshwayo kaMpande

Ingonyama uCetshwayo uyisende lesilo uShaka kaSenzangakhona, okwathi nxashana izintombi lezi azabezibizwa ngezimbali zesigodlo kutholakala ukuthi sezizethwele, okwabe kungu Ngqumbazi wakwaZungu noMonase wakwaNxumalo. Izingwevu ezabe sihlangene noMkabayi kaJama nendlovukazi uNandi kaBhebhe waseLangeni unina kaShaka, benza icebo lokuthi lezintombi ngoba sezizethwele akutshelwe uShaka anikeze uMpande lezintombi zigane yena. Kwakwenziwela ukuthi lezingane zikhule ngaphansi kwakhe uMpande kungaziwa ukuthi ngezi kaShaka.

UMPANDE wayengazingeni ezokubuthwa nokuya ezimpini wayezihuqa ngomlotha ahlale ezaleni,ethi uShaka akayekwe athi uma edla emshiyele ukudla akuqedele uMpande. Wabizwa ke uMpande wathi UShaka uzomthathe abafazi ababili emlobolele. Kuthiwa akaphendula uMpande wavele wagiya okwakukokuqala empilweni yakhe ukuthi agiye adlale. Wabuthwa ke uMpande waba nebutho lakhe walotsholelwa uNgqumbazi noMonase wagcagcelwa, wamkhipha kwaDukuza uShaka wayokwakhelwa eNdulinde eMandeni namuhla. Kodwa wamtshela ukuthi uNgqumbazi uyozala inkosi eyobusa emvakwakhe UShaka kodwa lokho Kwamxaka uMpande ukuthi kuyokwenzeka kanjani lokho. UMpande uganiselwa lezintombi akazi ukuthi sevele zikhulelwe. Kodwa kwakufihliwe ukuthi uCetshwayo benoMbuyazwe ngabesende likaShaka ngoba obengaveza lokho wayengayiswa kwagoqanyawo ukudalula izimfihlo zasendlukulu.

Ukuze kuthiwe UCetshwayo kaMpande kungoba phela uShaka akaganwanga izintombi wazendlulisela kuMpande, wakhuliswa uye uMpande. Kwase ke kuvela igama elithi ABANTWANA kushiwo laba besilo uShaka, kuthiwe kunaBANTWANA lapha kwaMpande. Lokhu namuhla abasendlukulu bebizwa ngaBANTWANA njena. Ubukhosi obusabusa namanje obesende likaShaka, ngisho isilo UZWELITHINI KABHEKUZULU solo inzalelwane kaShaka ngqo. Ngizoqhubeka ngo Cetshwayo ngomhlomunye. JINININDI OMNYAMA UMAGWENGWANE NGOKUGWEGWA KUBA KAYISE! BAYEDE WENA WENDLOVU!