Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

African Hoopoe

E-Afrika kunezinhlobo eziningi zezinyoni. Lezi zinyoni zehlukaniswa ngokwemikhakha emithathu emikhulu: omadl’imbewu, omadl’umpe nomadl’ezinye. Izinyoni ezincanyana ezidla imbewu zinemilomo emincane yokunqampuna uhlaza, ekubeni omadl’ezinye banamazipho nemilomo ebukhali ukuze babambe baphinde babulale izilwane eziwukudla kwabo.

IKruger National Park iyikhaya lomadl’ezinye abaningi

Amanqe atholakala ezinkalweni ezimaphakathi ikakhulukazi, ekubeni izinkozi zithanda amahlathi axubile eduzane nemigudu yamanzi lapho ukudla kwazo kukuningi khona.

Kungani izinyoni zifuduka?

Isizathu esikhulu sokufuduka wukufuna indawo enokudla okwanele, okuyindawo efudumele. Ukudla (imvamisa amabhungane nezintuthwane) kuyancipha ezweni lazo lomdabu ngenxa yokubanda kwesimo sezulu. Ngakhoke ziyaphoqeleka ukuba zihambe amabanga amade ukuze zifinyelele lapho ukudla kuyinala khona. Yilapho zikwazi ukufike zizalane zande khona.

Yini umehluko phakathi kwamahobhe namajuba?

Empeleni kawukho umehluko wenyama phakathi kwamahobhe namajuba njengoba engumndeni owodwa. Sisebenzisa ubungako bawo ukuwehlukanisa, ihobhe liba ngelincane phakathi kwawo womabili. Ijuba lingelomndeni omncane onohlobo olulodwa olubizwa ngamajuba – okungamajuba aluhlaza afana nopholi. Ijuba leli elejwayelekile empeleni liyihobhe nalo. Kodwa-ke ukuze inkulumo yethu icace, sizolokhu silibiza ngejuba.

Kungani isigqobhamithi sibhoboza izihlahla?

Isiqgophamithi sigqobhoza isihlahla ngenhloso yokubheka izinhlamvana noma izilwanyana ezingenamgogodla ezicasha ngaphansi kwegxolo. Le migodi iphinde ibe yizidleke. Ukuqgoboza isihlahla kuphinde kube yindlela isigqobhamithi esixhumana ngayo nezinye.

Kungani omadl’ezinye bendizela phezulu?

Ukundizela phezulu kuvamile ezinyonini eziningi futhi kubhejezelwa wumoya oshisayo. Lena yimisinga yomoya onyukayo usuka phansi emhlabathini. Izinyoni zendlala amaphiko kuwona ukuze zonge amandla futhi zihlale zintanta. Ukuzulazula lokhu okubonayo usenhlabathini kwenzeka uma inyoni izama ukuhambisana nemisinga. Ukuntanta kokhu kwenza omadl’ezinuye bekwazi ukubona kahle ukudla kwabo kude phansi emhlabathini. Omadl’ezinye banamehlo abukhali.

Amanqe angazingela na?

Noma enamandla okwenzenjalo ngokwenyama kodwa amazipho nezinzwane zawo akuqinile njengakho kwabanye omadl’ezinye. Amanqe ayizinyoni ezihamba zibe wumhlambi futhi ziyakwazi nokwesabisa ngobuningi bazo. Yingakho engadingi ukuzingela njalo. Kukhona izinhlobo ezithile zamanqe ezikwazi ukubulala izilwane ezincane ezinemigogodla njengamagundane nezixhumo zezinyamazane imbala.

Ukhona yini umehluko phakathi kwamahansi namadada?

Ngokufanayo nenkinga yehobhe nejuba, empeleni ihansi liyidada. Zingamalungu omndeni owodwa. Idada lomfula lethiwe kanjalo ukwenzela ukuthi izinto zibelula. Amahansi aqanjwa ehluka ngoba ebonwa eyinto ethile ephakathi kokuba yidada nedada lomfula. Kubonakala sengathi umehluko phakathi kwamahansi namadada ukwakhiwa kwezidleke. Amahansi akha izidleke ezimbotsheni zezihlahla.

Ngabe izikhova zithi hhu hhu?

Cha, izikhova kazisho ukuthi ‘hhu, hhu’ kodwa zishaya umlozi noma ziklokloze. Le misindo yenziwa yisikhova uma siphefumula futhi iyindlela yokuzikhangisa nokuxhumana nezinye. Kutholakala ukuthi ukukhala lokhu kwenzeka kakhulu ngaphambi kokuzalela nokufukamela.

Yini umehluko phakathi kohebe nezinkozi?

Uhebe inyoni enezimpiko ezicijile, ezingela emoyeni. Ohebe kabazakhi izidleke zabo kodwa basebenzisa ezabanye omadl’ezinye. Izinkozi zinemilenze engenamaqubu, enamazenga futhi zinozwane oluseceleni oluhlehlisekayo. Zakha izidleke zazo ezishiya kuzo amaphuphu azo uma ziyozingela