Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Izinkondlo 

NGANGINGENJE
sengiyabonga mhlaba ngidelile,
okwenze kimi ngikubonile,
izigameko zakho zingimoshile.
sengicela ukuthula ngaphakathi,
anginandaba noma bengathi bethini,
okwasemhlabeni mina kungithintile,
Kanye nempilo yona ngiyiphilile.
awu mhlaba uyahlaba,

mina ngihlebele imfihlo yakho,
ngaba nenjabulo yesikhashana
wena owabona umuntu ewine imali.
ngahlala ngibalisa njalo,
ngahlala ngibala izinto engabe ngizenzile,
ukube wena awuzange ungidonsele ophathe.
bengingunobuhle ngakihi,
ngiyinkanyezi yemvelo,

ngilapha izinsizwa ngobuhle bami,
ngikhumbuza amakhehla ebusheni babo.
bengimuhle ngifana nezimbokodo zolwanle,
ngikhazimula okwezinqansi zomlilo,
wena owabona amalahle ethintana.
bengithanda iwowonke umuntu,

ngifunwa ngapha nangapha,
wena owabona inalithi iwele otshanini.
bathi guga mzimba sala nhliziyo,
ubala izinto ondlule kuzo.