clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Izinkondlo Zothando : Imfihlo, yaziwa yimi nawe

Izinkondlo Zothando : Imfihlo, yaziwa yimi nawe


Imfihlo, yaziwa yimi nawe
Phansi ekujuleni kwenhliziyo
Ngaphansi ezinzulwini zezibilini
Lapho ngifukamele khona uthando
Kwagadla imfihlo yonyazi

Kwangathi kugadla unyazi uqobo
Maqede yaphela imizwa yothando
Imizwa yothando lomunye umuntu.
Imfihlakalo yaloluthando yaziwa yimi nawe
Ngiyayizwa intokomalo kwinhliziyo
Maqede ngezwa izinyembezi
Ngithi lapho ngizama ukuzibamba
Zehle njalo ngezihlathi
Ziphelele ezindebeni zomlomo
Ngimoyizele ngicabanga ngijulile
Ngiyibhale ngiyiqede nencwadi yothando
Lapho uma ngicabanga, ngilalele umsindo
Umsindo wempophoma

Ngithuke sengibhala inkondlo ngempophoma
Nayo eqala kancane iyisiphethu
Ngiqonde nothando lwethu olwaqala kancane
Lwaqala kancane kuhle kwesiphethu
Lwakhula kuhle komthombo ongashi
Nendodana yethu esathi kuzoba uNtando
Isiphendule lolu thando ngathi sadlisana intando
Eyethu i-Valentine insuku zonke
Usuku lwezithandani kuthina sibungaza ukuhlanganisa iminyaka
Impumelelo yalolu thando isezandleni
Kwesami nesakho isakho
Ingakho ngithi kwazi mina nawe
Imfihlakalo yalolu thando.

Previous

Inkondlo yothando ?????? Sthandwa Sami

Next

Izinkondlo Zothando Ezimfishane

1 Comment

  1. liyini ithonya lomlando enkondlweni

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: