Dladla Clan Praises:

Mgabadeli, owagabadela izinkundla zakwabulawayo, gadlela, dwala, mpembe, mhlophe, vezi, dladla, nyazitha, magalel’agiqe njengeshongololo,  nhliziyo zimhlophe, mapha azay’ncishe yena, ngalonde, masok’amahle, limi luyashelela ezintombini,mangaphikiswa, bunono bekati, makhos’ezwe, mhlambi wezinkomo kawubaleki, maqaphel’ebheke phansi ngokungathand’ukukhuluma, findo kaliqaleki sofa silahlane, mpilonde, malal’evulile ngokungesabi lutho, mkhanyelw’ebumyame, mthond’omuhle, ngokuzal’abafana namantombazane, nzalwenhle engaciki, mahambela phezulu ngokuzazi, dladla !!!

Vezi Clan Names ❤️ Vezi Surname History

Izithakazelo zakwa Vezi: Dladla Mgabadeli owagabadela inkundla kaBulawayo Mthendeni Nina enawela kwelibanzi elawela amakhosi Ndima kay'lingani eyamavila namaVilakazi Mnembe

Izithakazelo zakwa Sabela❤️

Sabela❤️❤️ Ndlumbi Mqhayise Maphindela Gwamanda Vezi Thina esashaya udaka Kwavela amanzi Kwaphuza abafokazana Yengwa Ncwane Nhlasi eyaqhuma esendeni Somnomo !!!