Izithakazelo zakwa-Khumalo | Khumalo Clan Praises
Mntungwa,
Mbulaz’omnyama,
Nina bakaBhej’ eseNgome,
Nin’ enadl’umuntu nimyenga ngendaba,
Nin’ enadl’ izimf’ezimbili ikhambi laphuma lilinye,
Lobengula kaMzilikazi,

Mzilikazi kaMashobana,
Shobana noGasa kaZikode,
Zikode kaMkhatshwa,
Okhatshwe ngezind’ izinyawo nangezimfushanyana,
UMkhatshwa wawoZimangele,
UNyama yentini yawoZimangele
Mabaso owabas’ entabeni kwadliwa ilanga lishona,
BaNtungw’ abancwaba,
Zindlovu ezibantu,
Zindlovu ezimacocombela,

Nin’ abakwaMawela owawel’ iZambezi ngezikhali,
Nin’ abakwaNkomo zavul’ inqaba,
Zavul’ inqaba ngezimpondo kwelaseNgome zahamba,
Nin’ enalukudl’ umlenze kwaBulawayo,
Mantungwa Aluhlaza,
Mantungwa Amahle,
Bantwana benkosi!

Nin’ abakwaNtokela,
Inkubele abayihlabe ngamanxeba,
Abakhule ngezinyawo ezimfishanyana nezimaqhukulwana,
Inyang’ abathe beth’ ifil’ uZulu kanti isiyetheswe,
Yetheswe ngoNyakana kaMpeyana,
UBando abalubande balushiy’ uZulu,
UNtshwintshwintshwi kaNoyanda noNdaba,
UNkone evele ngobus’ emdibini,
Maqhaw’ amakhulu!!!

Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Khumalo! Xhumana nathi ngo- Whatsapp kule nombolo: 061 868 5163 wenze i-oda lakho!

Tshirt Price: R200.00
Hoodie Price: R400.00

Thola esakho isikibha, whatsapp kule nombolo: 061 868 5163

Khumalo clan Bulawayo Zimbabwe

UKhumalo,uNgululu,Ndlangamandla kaMatshobane,yena owala ukudla umlenze kwaBulawayo. Indlondlo eyadlondlobala kwazulu kwathuthumela uShaka. OkaMatshobana kaMangede kalanga,ilanga elehluluShak'ubheka,wath' elibheka lamxophe yana wayengakaze axhotshwe. Read more

Mutle Clan Praises

Sereto sa Mutle Diholokwane tsa kgomo e tilodi kgabo Mokgatla e namela setlhare e jeboreko. Kengwana wa Malata a selope Read more