Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Izithakazelo zakwa Mbokazi 😍 Mbokazi Clan Praises

Donda,
Nxele, Sontuli,
Lwandle aluwelwa,luwelwa zinkonjane,
Zona eziphapha phezul’emafini,
Phangela kobhongo, nakoqhoqhoqho,
Mlamulankunzi ngab’uziyekile, zabulalana,
Hlamukazi kaMdaka, umdaka usezintangeni,
Wen’owephul’umuth’uphekiwe endlini kaMantombase,
Wena kaPhangela, owaphangel’izinkomo zamadoda!