Izithakazelo zakwa-Nkosi

Ndlangamandla,
Mphazima, Mntungwa,
Mawandla kaNdlela,
Nina baseMandlovini,
Mlotshwa, Siwela,
Mphazima kaLanga,
Nina bakwaLanga libomvu, elashis’amabel’ezikhuthali,
Mabuya sezembethe’ugogwane,
Mlotshw’akangakanani, ngoba nasentendeni yesandl’uyahlala,
Wena owaphath’induk’emnyama washay’amanzi, kwavel’udaka,
Nkonjane yenkosi,
Mpangazitha!