Izithakazelo zakwa Nyembe, Nyembe Clan Names

Ncamane,
Skhandisa samakhosi,
Thwala lomzimkhulu,
Mnyamande,
Mkhont’oduma njengezulu,
Ithala lomkhonto lisemaNyamandeni,
Nhlangothi zimanxebanxeba,
Wena kaMlamulankunzi ungaziyeki zibulalane,
Wena kaSiwela owawela umfula ngesilulu,
Mnyango kawuvalwa, uvalwa ngamakhand’amadoda,
Ntshivakazi engenampondo,
Bhijela wamaMbane,
Sakade kaGemane,
Gemane kaSiwela,
Nzilagazi!

Nandi Nyembe | AbakwaNyembe abavelele

Nandi Nyembe (born 19 August 1950) is a South African actress known for her roles in the sports drama Zone Read more

Izithakazelo zakaNyembe

Nyembe Ngubane, Mlotshwa, Makhiwa, Qalashu, Wenowafuyi'nkabi, Wen' owahlangabez ungwanye ezangobobuso, bavuka bajikjela, Wena Zinja zakwamasenjane, wena Mlungu onesihawu, Ngubane!