IZITHAKAZELO ZAKWA SIBIYA 😍 Sibiya Clan Praises

Ndaba, Gumede
Sibiya ngenkomo, Abafokazana bebiya ngamahlahla!
Nina bakwankom’ isengelwa emaweni,
Ingasengelw’ esibayeni akuyon’ eyakhona.
Gumede kaNdaba
Mkhananda owafinyelela kubalondolozi,
Wemuka noGodokazi way’ eMfolozi.
UHhiya kwabanani,
Okwaphwekwa esendlini
Kwaze kwephulwa esendlini
Engazange afe kufudumala
Mgxebe!
Khathi!
Nina bakaSotobe kaMpangalala