Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Izithakazelo zakwa Zwane

  • Zwane
  • Mangethe
  • Linda Mkhonto
  • Umafa avuke
  • Zikode kaPhikela
  • UZwane akadlelanga phansi
  • Wadlela emkhombeni Wezinyamazane
  • Edla im’hlambi yezinkomo zamadoda
  • Ndlangashushwana ngokudla amaNdebele
  • Bathi uZwane udleni kwaMtambo?
  • Kuthiwa udle izinjana zimbili
  • Zigcwele umdakana!
  • Ntshosho!
  • Wena Kamafu kawalingani- angaphansi naphezulu
  • Ngoba aphezulu angubo ngubo!
  • Ntsele kaLinda kaMkhonto!
  • Awungilinde Ngilande Ezami
  • Mthanti!Nduna ngokuthwal’ isila sensele!
  • UNtsele kangakanani,
  • Ngoba nasothini lomkhont’ angahlala.
  • Nin’ enadlel’ encazeni!
  • Nin’ eniphakel’ umyeni odengeleni,
  • Ngoba ningabenkosi.
  • Zikode kaNdabansele
  • Mabhayi kawalingani awangaphansi nawangaphezulu
  • Nina bakaVezi
  • Owadl’ isihlahla njengengwababane!

Zwane – Phikela wengwe – Nselenduna nina base tsheni lase Ntshenteka

Zwane – Mandaba, Ukub’ uMandaba wayengehlanga phezulu saso buswa ngubani?

Zinkomo zakwaLinda ezimhlane ugcwele udaka, ezathi zidl’ubhoqo kanti ziyawuhlakulela

Ntshosho, obhukuda ezizibeni ezijulile, uma engabhukudi kwezijulile zibuya nodaka

Mangethe omakhandakhanda

Nina baseMangweni !
Zikode !!!

Zikhona izikibha nama-jacket/hoodies zakwa Zwane Whatsapp / call: 061 868 5163
Prices:
t-shirt: R200
Hoodies: R400