Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Abantu bakwaCofu bangaMaSwati ngokwendabuko.
Bebesondelene kakhulu nabantu lwakwaNdzimandze, bebakhelene eSwatini.
Kuthe uma abantu lwakwaNdzimandze besuka kwelaMaswati bahamba ndawonye ngenxa yokuthi amaCofu ayengabagayi bentelezi eyayiqinise ubukhosi lwakwaNdzimandze.
Lokuhlala ndawonye kugcine sekudide abanye Cofu , abagcine sebezibiza ngoNdzimandze (labo batholakala bakhele isizwe samaBhaca, abasibo oMphephetse kodwa bonabathi bangu Ndzimandze Cofu).
Kubuye kubekhona abazibiza ngoGwala kepha abangathakazeli bathi Mphephetse, nabo bathi Cofu uma benanatela. Laboke bagcwele ko Natal Midlands kuye kuyoshaya koBulwer.
Kubona laboGwala kukhona abazibiza ngoGwala-Hlambisa, nabo basengoCofu.
Iningi labantu bakaCofu batholakala bakhele isizwe saMaphephethe endaweni yaseNanda Dam. Iningi labo bazibiza ngoHlambisa.

UKUQALA KWESIBONGO SAKWA HLAMBISA.
Abantu bakwaHlambisa bangabakwaCofu ngesibongo nendabuko.
Phakathi kokhokho baMaCofu kwakukhona uMageta ngobendze (Mageza ngobende). Kukhona umkhuba wesintu wokuhlonipha uMnumzane wekhaya ngokuthi lingabizwa igama lakhe ngomakoti. Ngenxa yaloko omakoti bakwaCofu baqala bangalisebenzisa igama “UKUGEZA” esikhundleni baqala basebenzisa igama “UKUHLAMBA” . Loko kwenza abantu bagcina sebebiza abantu bakwaCofu ngoHlambisa ngoba uma bezogeza babethi bayahlamba noma bayahlambisa.
Kumanje nje abantu abasebenzisa uHlambisa njengesibongo yibo abaningi kakhulu kwaCofu.
Lonke loluguquko luqhamuke ngenxa yokuzila igama likaMagetangobendze.

Isibongo sangempela wuCofu okumele ngabe bonke labantu bayasisebenzisa.

Sithakazela sithi:
Cofu
Sokholo
Mageza ngobende amanzi ehleli
KaMsana wenyama, okungathi thuqu sekuhlatshiwe
KaNombadlana
KaSihlathi senkomo
KaMalumbo