Makhunga, Mdluli ong’adlulwa, odlulwa nguRadebe kuphela, isigoloza esimehlo abomvu esithi sikubheka kubeng’athi sikujamele, nombuya kahlathi, Dangazela, S’gogo, Ngwekazi, S’khwatsha, Nonkosi, Vezi, Lukhele, Dambisa, Ndlovukazi, Mhlanti wendlunkulu, nibahle bahlanti ng’oba nihlantekile, Nomasikisiki, nyoni engasindwa sisila, nompakatha kayithwala, ithwala nguSomgemase kuphela, izihlang’u ezimanikiniki zanikizwa ngabeSotho bakwaTsile, zaze zayonikizwa kwaSontetyana, mkhonto uyahlaba uyatshotshozela kwabasemzini udondobale kwabasekhaya, Nontuthwane iyaqhuma kubikelane izizwe, sidlangalala samabele phini liphambana nempuphu, nkomo egqawulimikhala!!
More about MakhungaEducational videos
π SEARCH π+ ADD CLAN NAMESβΆ UTube Channel